UJakobe wezwa ukuthi kukhona ukudla eGibhithe, wayesethi emadodaneni akhe: “Kungani nilibele ukubukana na?”
Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona ukudla eGibhithe. Yehlani, nisithengele okusanhlamvu khona, ukuze siphile, singafi.”
Abafowabo bakaJosefa abalishumi behla bayothenga okusanhlamvu eGibhithe. Kepha uJakobe akamthumelanga uBhenjamini, ongumnawabo kaJosefa kanye nabo, ngokuba wathi: “Funa ehlelwe yingozi.”
Amadodana ka-Israyeli afika ukuzothenga ukudla ehambisana nabaningi ababezothenga, ngokuba indlala yayidlangile kulo lonke iKhanani. UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini. UJosefa wababona abafowabo, kodwa wazishaya ongabaziyo, wakhuluma nabo ngesankahlu, wathi: “Nivelaphi nina?”
Bamphendula bathi: “Sivela eKhanani, sizothenga ukudla.”
UJosefa wababona abafowabo, kodwa bona abambonanga. UJosefa wawakhumbula amaphupho ayewaphuphile. Wayesethi kubo: “Niyizinhloli, nize ukuzohlola ukuthi leli lizwe lintenga ngakuphi.”
Bamphendula bathi: “Qha nkosi, izinceku zakho zize ukuzothenga ukudla. Sonke singamadodana endoda eyodwa, singabantu abaqotho, asiyizo izinhloli.”
Wathi kubo: “Qha, nize ukuzohlola izwe ukuthi lintengantenga kuphi.”
Bazilandulela bathi: “Izinceku zakho ziyizelamani ezili-12, zingamadodana endoda eyodwa, eyakhe eKhanani, uthunjana usele nobaba, omunye akasekho.”
UJosefa wayesethi kubo: “Kunjengoba ngishilo kini ukuthi niyizinhloli. Ngimfunge uFaro, nizovivinywa ngalokhu, ngeke nihambe uma umfowenu omncane engafiki lapha. Thumelani omunye wenu ukuba amlande umfowenu. Nina nonke nizoboshwa ukuze kubonakale ukuthi enikushilo kuyiqiniso yini; uma kungenjalo, ngimfunge uFaro, niyizinhloli.”
Wabagquma bonke ejele izinsuku ezintathu.