UGenesise 42:1-17

UGenesise 42:1-17 ZUL59

UJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, uJakobe wathi emadodaneni akhe: “Nibukanelani na?” Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.” Base behla abafowabo bakaJosefa abayishumi, baya kuthenga amabele eGibithe. Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: “Angahle ehlelwe ngokubi.” Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani. UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi. UJosefa wabona abafowabo, wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo, wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: “Nivelaphi na?” Bathi: “Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.” UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga. UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.” Bathi kuye: “Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuba zithenge ukudla. Sonke singamadodana andodanye; singabantu abaqotho; izinceku zakho aziyizo izinhloli.” Wathi kubo: “Qhabo, nize ukubona ubuze bezwe.” Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.” UJosefa wathi kubo: “Yikho lokhu engikushilo kini ukuthi niyizinhloli. Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha. Thumani omunye wenu, amlande umfowenu; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.” Wababutha bonke ukuba balindwe izinsuku ezintathu.