IGenesisi 30:25-36

IGenesisi 30:25-36 ZUL20

Kwathi uRaheli esezele uJosefa, uJakobe wayesethi kuLabani: “Ngivumele ngihambe ngibuyele ekhaya kwelakithi. Ngikhululele nomkami nabantwana bami engibasebenzeleyo ngihambe, ngokuba uyazi ukuthi ngikusebenzele kangakanani.” ULabani wathi kuye: “Uma uzongivumela ukuba ngisho lokhu: ngizwile uma ngibhula ukuthi uSimakade ungibusise ngenxa yakho. “Nquma iholo lakho ngizokunika lona.” UJakobe wathi kuye: “Wena uyazi ukuthi ngikusebenzele kangakanani, nokuthi imfuyo yakho ichume kangakanani isesandleni sami; ngokuba ngingakafiki wawunemfuyo encane, kodwa selokhu ngafika imfuyo yakho isiyande kakhulu, futhi uSimakade ukubusisile noma kuphi lapho bengiya ngakhona; kodwa manje ngizoyisebenzela nini mina indlu yami na?” Wathi: “Ngizokunikani na?” UJakobe wathi: “Awuyukunginika lutho. Ngenzele kube kunye nje, ngizoqhubeka ngikwelusele umhlambi wakho, ngiwunakekele. Namhlanje ngizodabula phakathi komhlambi wakho, ngisuse zonke ezimabhadubhadu, nezimabalabala, nazo zonke izimvu ezimnyama kuwo. Nginike ezinjalo kube yiholo lami. Ubuqotho bami buzongifakazela ngomuso lapho usufika uzohlola iholo ongikhokhele lona. Leso silwane oyosithola kimi singemabhadubhadu, futhi singemabalabala ezimbuzini, nesingemnyama ezimvini zami, kuyoba ngisebile.” ULabani wathi: “Kuhle-ke, akuye njengamagama enkehli.” Ngalolo lusuku uLabani wakhetha zonke izimpongo ezihunqu, nezimabhadubhadu, nezimbuzikazi ezimabalabala, nezimabhadubhadu, zonke lezo ezazinamabala amhlophe, namawundlu amnyama, wakupha amadodana akhe. Ayesehamba ibanga lezinsuku ezintathu eqhela kuJakobe, uJakobe waqhubeka nokwelusa umhlambi kaLabani.