UGenesise 30:25-36

UGenesise 30:25-36 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwathi uRaheli esemzalile uJosefa, uJakobe wathi kuLabani: “Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami ezweni lakithi. Ngiphe omkami nabantwana bami engikusebenzele ngabo, ngihambe, ngokuba uyawazi umsebenzi engikwenzele wona.” ULabani wayesethi kuye: “Ake ngifumane umusa emehlweni akho. Sengibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.” Wathi futhi: “Nquma umvuzo wakho, ngikuphe wona.” Wathi kuye: “Uyazi wena ukuthi ngikukhonze kanjani nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi. Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?” Wathi: “Ngiyakukuphani na?” Wathi uJakobe: “Awuyikunginika lutho; uma ungenzela lokhu, ngiyakubuye ngaluse umhlambi wakho, ngiwulinde. Namuhla ngiyakudabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, nazo zonke ezimnyama ezimvini, nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzini, kube ngumvuzo wami. Ukulunga kwami kuyakungifakazela ngesikhathi esizayo, lapho ufika ngomvuzo wami osebusweni bakho, ukuthi zonke ezingemanakanaka nezingemagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama ezimvini ezikimi, mazithiwe zebiwe.” Wayesethi uLabani: “Bheka, makube njengezwi lakho.” Ngalowo muhla wakhipha izimpongo ezinemishwe nezimagqabhagqabha, nezimbuzikazi zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, zonke ezinokumhlophe, nezimnyama zonke ezimvini, wazinikela esandleni samadodana akhe. Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.

UGenesise 30:25-36 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwathi uRaheli esezele uJosefa, uJakobe wayesethi kuLabani: “Ngivumele ngihambe ngibuyele ekhaya kwelakithi. Ngikhululele nomkami nabantwana bami engibasebenzeleyo ngihambe, ngokuba uyazi ukuthi ngikusebenzele kangakanani.” ULabani wathi kuye: “Uma uzongivumela ukuba ngisho lokhu: ngizwile uma ngibhula ukuthi uSimakade ungibusise ngenxa yakho. “Nquma iholo lakho ngizokunika lona.” UJakobe wathi kuye: “Wena uyazi ukuthi ngikusebenzele kangakanani, nokuthi imfuyo yakho ichume kangakanani isesandleni sami; ngokuba ngingakafiki wawunemfuyo encane, kodwa selokhu ngafika imfuyo yakho isiyande kakhulu, futhi uSimakade ukubusisile noma kuphi lapho bengiya ngakhona; kodwa manje ngizoyisebenzela nini mina indlu yami na?” Wathi: “Ngizokunikani na?” UJakobe wathi: “Awuyukunginika lutho. Ngenzele kube kunye nje, ngizoqhubeka ngikwelusele umhlambi wakho, ngiwunakekele. Namhlanje ngizodabula phakathi komhlambi wakho, ngisuse zonke ezimabhadubhadu, nezimabalabala, nazo zonke izimvu ezimnyama kuwo. Nginike ezinjalo kube yiholo lami. Ubuqotho bami buzongifakazela ngomuso lapho usufika uzohlola iholo ongikhokhele lona. Leso silwane oyosithola kimi singemabhadubhadu, futhi singemabalabala ezimbuzini, nesingemnyama ezimvini zami, kuyoba ngisebile.” ULabani wathi: “Kuhle-ke, akuye njengamagama enkehli.” Ngalolo lusuku uLabani wakhetha zonke izimpongo ezihunqu, nezimabhadubhadu, nezimbuzikazi ezimabalabala, nezimabhadubhadu, zonke lezo ezazinamabala amhlophe, namawundlu amnyama, wakupha amadodana akhe. Ayesehamba ibanga lezinsuku ezintathu eqhela kuJakobe, uJakobe waqhubeka nokwelusa umhlambi kaLabani.

UGenesise 30:25-36 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwathi uJosefa esezelwe, uJakobe wathi kuLabani: “Ngimukise ukuba ngiye endaweni yami yokuhlala nasezweni lakithi.” Nginike abafazi bami nabantwana bami engikukhonze ngenxa yabo, ngihambe, ngokuba uyayazi inkonzo yami engikwenzele yona. ULabani wayesethi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, hlala, ngokuba ngibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.” Wathi: “Nginqumele inkokhelo yakho, ngikunike.” Wathi kuye: “Uyazi wena ukuthi ngakukhonza kanjani nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi.” Ngokuba incane onayo ngingakafiki, yandile, yaba yisixuku; futhi iNkosi ikubusisile kusukela ekufikeni kwami; manje nami ngiyakuyinakekela nini indlu yami na? Wathi: “Ngikupheni na?” Wayesethi uJakobe: “Awunakunginika lutho; uma uthanda ukungenzela, ngiyakubuye ngiluse, ngiluse umhlambi wakho; Namuhla ngiyakudabula umhlambi wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimanakanaka, nazo zonke ezimnyama phakathi kwezimvu, nezimanakanaka nezimanakanaka phakathi kwezimbuzi; futhi lokhu kuyakuba ngumvuzo wami. “Ukulunga kwami kuyakungiphendulela esikhathini esizayo, lapho kufika umvuzo wami phambi kobuso bakho: zonke ezingemabala nezingamagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama phakathi kwezimvu, ezingathi zebiwe kimi. Wathi uLabani: “Bheka, ngiyathanda ukuba kube njengezwi lakho.” Ngalolo suku wakhetha izimbuzi ezimizile nezimanakanaka, nazo zonke ezimanakanaka nezimanakanaka, nazo zonke ezimhlophe kuzo, nazo zonke ezimnyama phakathi kwezimvu, wakubeka esandleni samadodana akhe. Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe; uJakobe welusa yonke imihlambi kaLabani.