IGenesisi 3:6-8

IGenesisi 3:6-8 ZUL20

Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla. Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo. Ntambama selipholile, indoda nomkayo bezwa izigi zikaSimakade uNkulunkulu ezihambela ensimini, base becasha phakathi kwemithi.