IGenesisi 3:17-19

IGenesisi 3:17-19 ZUL20

Endodeni wathi: “Ngenxa yokuba ulalele umkakho, wadla isithelo engikudonse ngendlebe ngathi ungasidli, ngalokho umhlabathi usuqalekisiwe ngenxa yakho. Uyokhandleka ukuze uthole ukudla kuwo, izinsuku zonke zokuphila kwakho. Umhlabathi uyokuvezela ameva namakhakhasi, uphile ngokudla okuvela kuwo. Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”