Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle ayezenzile uSimakade uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ushilo yini uNkulunkulu ukuthi: ‘Ningalokothi nidle nakowodwa umuthi osensimini na?’ ”
Waphendula owesifazane wathi: “Uthe singazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini, kodwa uNkulunkulu wathi: ‘Ningasidli isithelo somuthi omile phakathi nensimu, futhi ningasithinti ngoba niyokufa nokufa.’ ”
Kepha inyoka yathi kowesifazane: “Ngeke nife neze. Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.”
Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla. Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.
Ntambama selipholile, indoda nomkayo bezwa izigi zikaSimakade uNkulunkulu ezihambela ensimini, base becasha phakathi kwemithi. USimakade uNkulunkulu wammemeza umuntu wathi: “Ukuphi na?”
Waphendula wathi: “Ngizwe izigi zakho ensimini, ngase ngesaba ngoba ngihamba ze, ngacasha.”
Wathi kuye: “Ngubani okutshele ukuthi uhamba ze na? Ngabe udlile yini kulowo muthi engakudonsa ngendlebe ngathi ungadli kuwo na?”
Umuntu waphendula wathi: “Lo wesifazane owanginika yena, nguyena onginike isithelo somuthi, nami-ke ngasidla.”
USimakade uNkulunkulu wabuza kowesifazane wathi: “Ukwenzeleni lokhu na?”
Waphendula wathi: “Yinyoka engiluthile, ngasidla.”
USimakade uNkulunkulu wathi enyokeni:
“Ngokuba wenze lokhu,
usuqalekisiwe kunezilwane zonke ezifuywayo,
nezilwane zonke zasendle.
Uyohuquzela ngesisu,
udle uthuli izinsuku zonke
zokuphila kwakho.
Ngizokwenza ubutha
phakathi kwakho nowesifazane,
ngizonenza nizondane
nenzalo yowesifazane.
Inzalo yowesifazane
iyochoboza ikhanda leyakho,
nenzalo yakho
ishaye isithende
senzalo yakhe.”