IGenesisi 2:1-25

IGenesisi 2:1-25 ZUL20

Kwase kuyapheleliswa ukudalwa kwezulu nomhlaba nakho konke okukukho. Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula. Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza. Nanku umlando wokudalwa kwezulu nomhlaba, lapho uSimakade uNkulunkulu ekwenza. Ngesikhathi uSimakade uNkulunkulu edala umhlaba kwakungakabi bikho zihlahla ezweni, kwakungakamili nazitshalo emhlabathini ngoba wayengakayinisi imvula, futhi kungekho namuntu wokulima umhlabathi. Kepha kwakuqubuka amanzi evela phansi komhlaba awuswakamise wonke umhlabathi. USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo. USimakade uNkulunkulu watshala insimu yezithelo e-Edeni ngasempumalanga, wambeka khona umuntu ayembumbile. USimakade uNkulunkulu watshala zonke izinhlobo zezihlahla ezibukekayo ukuba zithele izithelo ezinhle ezidliwayo. Phakathi naleyo nsimu kwakumile umuthi wokuphila, nomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi. E-Edeni kwavela umfula wokunisela insimu, wase wehlukana uba yimifula emine. Igama lowokuqala kwakuyiPhishoni. Yiwo ogobhoza uzungeze lonke izwe iHavila, lapho kunegolide khona. Igolide lalelo lizwe lihle, kukhona nenhlaka enamakha anuka kamnandi, namatshe ayigugu. Igama lomfula wesibili kwakuyiGihoni. Ugobhoza uzungeze lonke iKhushi. Umfula wesithathu kwakuyiThayigrisi. Ugobhoza wedlule empumalanga ye-Asiriya. Umfula wesine kwakuyiYufrathe. USimakade uNkulunkulu wabeka umuntu ensimini yase-Edeni ukuze ayilime, futhi ayilinde. USimakade uNkulunkulu wamyala umuntu wathi: “Ungazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini, kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.” USimakade uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi omfaneleyo.” USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo. Umuntu waziqamba ngamagama zonke izilwane ezifuyiweyo, izinyoni zezulu nezilwane zasendle. Kepha asikho phakathi kwalezo zilwane esatholakala sifanele ukuba ngumsizi wakhe. USimakade uNkulunkulu wenza ukuba umuntu azunywe ngubuthongo obukhulu, kuthe esalele wathatha olunye lwezimbambo zakhe, wayivala ngesicubu leyo ndawo. USimakade uNkulunkulu wambumba owesifazane ngobambo ayeluthathe kumuntu, wayesemletha kuye. Umuntu wathi: “Manje lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami. Lona uzobizwa ngokuthi ngumfazi ngoba uthathwe endodeni.” Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye. Indoda nomfazi babehamba ze, futhi bengenamahloni.