UGenesise 2:1-25

UGenesise 2:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kwase kuyapheleliswa ukudalwa kwezulu nomhlaba nakho konke okukukho. Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula. Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza. Nanku umlando wokudalwa kwezulu nomhlaba, lapho uSimakade uNkulunkulu ekwenza. Ngesikhathi uSimakade uNkulunkulu edala umhlaba kwakungakabi bikho zihlahla ezweni, kwakungakamili nazitshalo emhlabathini ngoba wayengakayinisi imvula, futhi kungekho namuntu wokulima umhlabathi. Kepha kwakuqubuka amanzi evela phansi komhlaba awuswakamise wonke umhlabathi. USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo. USimakade uNkulunkulu watshala insimu yezithelo e-Edeni ngasempumalanga, wambeka khona umuntu ayembumbile. USimakade uNkulunkulu watshala zonke izinhlobo zezihlahla ezibukekayo ukuba zithele izithelo ezinhle ezidliwayo. Phakathi naleyo nsimu kwakumile umuthi wokuphila, nomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi. E-Edeni kwavela umfula wokunisela insimu, wase wehlukana uba yimifula emine. Igama lowokuqala kwakuyiPhishoni. Yiwo ogobhoza uzungeze lonke izwe iHavila, lapho kunegolide khona. Igolide lalelo lizwe lihle, kukhona nenhlaka enamakha anuka kamnandi, namatshe ayigugu. Igama lomfula wesibili kwakuyiGihoni. Ugobhoza uzungeze lonke iKhushi. Umfula wesithathu kwakuyiThayigrisi. Ugobhoza wedlule empumalanga ye-Asiriya. Umfula wesine kwakuyiYufrathe. USimakade uNkulunkulu wabeka umuntu ensimini yase-Edeni ukuze ayilime, futhi ayilinde. USimakade uNkulunkulu wamyala umuntu wathi: “Ungazidla izithelo zanoma yimuphi umuthi osensimini, kodwa ungadli kwezomuthi wokwazi ukwehlukanisa okuhle nokubi, ngokuba mhla wadla kuwo, uyokufa nokufa.” USimakade uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizomenzela umsizi omfaneleyo.” USimakade uNkulunkulu wathatha umhlabathi wabumba zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni zezulu. Waziletha kumuntu ukuze abone ukuthi uzoziqamba athini; lawo magama umuntu aziqamba ngawo zonke izilwane eziphilayo, kwaba ngamagama azo. Umuntu waziqamba ngamagama zonke izilwane ezifuyiweyo, izinyoni zezulu nezilwane zasendle. Kepha asikho phakathi kwalezo zilwane esatholakala sifanele ukuba ngumsizi wakhe. USimakade uNkulunkulu wenza ukuba umuntu azunywe ngubuthongo obukhulu, kuthe esalele wathatha olunye lwezimbambo zakhe, wayivala ngesicubu leyo ndawo. USimakade uNkulunkulu wambumba owesifazane ngobambo ayeluthathe kumuntu, wayesemletha kuye. Umuntu wathi: “Manje lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami. Lona uzobizwa ngokuthi ngumfazi ngoba uthathwe endodeni.” Ngakho-ke indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye. Indoda nomfazi babehamba ze, futhi bengenamahloni.

UGenesise 2:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nombuthano wakho wonke. UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile. UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza. Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu. Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi. Kepha kwenyuka inkungu ivela emhlabathini, yanisela ubuso bonke bomhlaba. UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo. UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo. UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi. E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu; wahlukana khona, waba yizimbaxa ezine. Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila, lapho kukhona igolide. Lihle igolide lalelo zwe. Kukhona nenhlaka yebedola* netshe leshohamu* lapho. Igama leyesibili linguGihoni; yiyo ezungeza lonke izwe laseKushe. Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase-Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe. UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine. UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.” UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo. Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye. UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama. UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu. Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye. Babehamba ze bobabili, u-Adamu* nomkakhe, bengenamahloni.

UGenesise 2:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nebandla lakho lonke. UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa umsebenzi wakhe abewenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa kuwo wonke umsebenzi wakhe abewenzile. UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngoba waphumula ngalo ngemva komsebenzi wonke wendalo ayewenzile. Lona-ke umlando wamazulu nomhlaba ekudalweni kwakho nomuntu ensimini ngosuku uJehova uNkulunkulu akwenza ngalo. Kanye nazo zonke izimila zasendle zingakabikho emhlabeni, nezitshalo zonke zasendle zingakahlumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu akazange anise imvula emhlabeni, futhi kwakungekho muntu wokulima umhlabathi hhayi. Kodwa kwenyuka inkungu isuka emhlabeni yanisela bonke ubuso bomhlaba. INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo. UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; futhi lapho wahlala phansi umuntu ayembumbile. UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi eminingi emihle, enezithelo ezimnandi, ezidliwayo. Phakathi nensimu kwakumi umuthi wokuphila kanye nomuthi wokwazi okuhle nokubi. Kwaphuma umfula e-Edene wokunisela insimu; kusukela lapho wehlukaniswa waba amakhanda amane. Igama lowokuqala yiPishoni; ezungeza izwe lonke laseHawila, lapho kukhona igolide; Igolide lalelo zwe lihle: kukhona ibhalsamu netshe leshohamu. Igama lomfula wesibili yiGihoni; ezungeza yonke indawo yaseKus. Igama lomfula wesithathu yiHidekeli; elihamba ngasempumalanga kwase-Asiriya. Umfula wesine ungu-Ewufrathe. UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine. UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho.” Kodwa ungasidli isithelo somuthi wolwazi lokuhle lokubi, ngoba mhla usidla kuwo uzakufa lokufa. INkosi uNkulunkulu yathi: Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa; Ngizomenzela umsizi ozolingana naye. INkosi uNkulunkulu yasibumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu; futhi waziletha ku-Adamu ukuze abone ukuthi uzoziqamba ngokuthini; nokuthi konke u-Adamu aziqamba ngakho konke okuphilayo, kwaba ngamagama azo. U-Adamu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zonke zezulu, nezilwane zasendle; kepha u-Adamu akafunyanwanga umsizi onjengaye. UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; Ngobambo uJehova uNkulunkulu aluthatha kumuntu, wenza owesifazana, wamletha kumuntu. Wayesethi u-Adamu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi iNdodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” Ngakho indoda izatshiya uyise lonina inamathele kumkayo, njalo bazakuba nyamanye. Babenqunu bobabili, umuntu nomkakhe, bengenamahloni.