IGenesisi 19:27-29

IGenesisi 19:27-29 ZUL20

U-Abhrahama wavuka kusempondozankomo waphindela endaweni lapho ayekade emi khona phambi kukaSimakade. Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo. Ngesikhathi uNkulunkulu ebhubhisa imizi eyayisethafeni wamkhumbula u-Abhrahama, wangambhubhisa uLothi naleyo mizi ayekade ehlala kuyo.