UGenesise 19:27-29
UGenesise 19:27-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
U-Abhrahama wavuka kusempondozankomo waphindela endaweni lapho ayekade emi khona phambi kukaSimakade. Kwathi lapho ethi uphonsa amehlo ezansi eSodoma naseGomora ebuka lonke izwe lamathafa, wabona isikhatha sentuthu senyuka sifana nentuthu yesithando somlilo. Ngesikhathi uNkulunkulu ebhubhisa imizi eyayisethafeni wamkhumbula u-Abhrahama, wangambhubhisa uLothi naleyo mizi ayekade ehlala kuyo.

UGenesise 19:27-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
U-Abrahama wavuka ekuseni, waya endaweni lapho akade emi khona ebusweni bukaJehova. Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko. Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wakhumbula u-Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.
UGenesise 19:27-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, waya endaweni lapho ayemi khona phambi kukaJehova. Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, bheka, umusi wezwe wenyuka njengomusi wesithando. Lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wamkhumbula u-Abrahama futhi wamkhipha uLoti phakathi nenkathi ephendukayo, lapho egumbuqela imizi uLoti ayehlala kuyo.