UNkulunkulu wayesethi: “Masenze abantu babe ngumfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, izinyoni zezulu, izilwane ezifuywayo, nomhlaba wonke, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.” UNkulunkulu wamdala umuntu waba ngumfanekiso wakhe, wamenza ukuba afuze Yena, wabadala owesilisa nowesifazane, wababusisa, wathi: “Zalanani nande, nigcwalise umhlaba; niwubuse. Nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, naphezu kwezinyoni zezulu, nazo zonke izilwane ezinwabuzela emhlabeni.” UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngininika izinhlobo zonke zezitshalo ezithela imbewu ezimila emhlabeni wonke, nezihlahla ezithela izithelo ezinembewu ukuba nikudle. Kepha zonke izilwane zasendle, nazo zonke izinyoni emkhathini, nakho konke okuhuquzelayo emhlabeni, nakho konke okunomphefumulo, ngikunike konke okuluhlaza okumilayo ukuba kukudle.” Kwaba njalo.
Funda IGenesisi 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: IGenesisi 1:26-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo