KwabaseGalathiya 4:3-7

KwabaseGalathiya 4:3-7 ZUL20

Nathi ngokunjalo, siseyizingane, sasiyizigqila phansi kwezimfundiso zomhlaba. Kepha lapho sesifikile isikhathi esimisiweyo, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazane, izelwe phansi komthetho, ukuze ikhulule labo abaphansi komthetho, samukele ukuba ngamadodana. Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumele uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zethu, omemeza ethi: “Abba, Baba!” Ngakho-ke awusesona isigqila, kodwa indodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa ngaye uNkulunkulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseGalathiya 4:3-7