KwabaseGalathiya 4:3-7

KwabaseGalathiya 4:3-7 ZUL59

Kanjalo nathi, lapho siseyizingane, sasisebugqileni phansi kwezifundiso zobungane zezwe; kepha lapho sekufikile ukuphelela kwesikhathi, uNkulunkulu wathuma iNdodana yakhe, izelwe ngowesifazane, izelwe phansi komthetho, ukuze ihlenge abaphansi komthetho ukuba samukele ukuma kwamadodana. Lokhu ningamadodana, uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: “Aba, Baba!” Njalo-ke awuseyiyo inceku, kepha usuyindodana; kepha uma uyindodana, uyindlalifa futhi ngaye uNkulunkulu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseGalathiya 4:3-7