Ngifuzeni, ngokuba nami nginjengani, ngiyanincenga bazalwane. Aningonanga ngalutho. Niyazi ukuthi ngenxa yokuba buthaka enyameni, ngashumayela ivangeli kini okokuqala, nanxa ubuthaka bami babuyijoka kini, kodwa anizange ningicunukele noma ningenyanye. Nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, kwangathi nginguKhristu uqobo. Pho selushonephi loluya gqozi enaninalo na? Ngiyaqinisa ukuthi naningawakhipha amehlo enu niwanike mina uma kwakunokwenzeka. Ngabe sengiphenduke isitha senu ngokunitshela iqiniso na? Bakhombisa intshisekelo ngani engenabuhle, bafuna ukunahlukanisa nami ukuze nihungeke nilandele bona. Kepha kuhle ukuba nentshisekelo ngokuhle, kodwa makungabi nxa ngikhona kini kuphela. Bantwana bami, enginezinseka ngani, uKhristu aze abunjwe kini; ngifisa sengathi ngabe nginani manje, ukuze lishintshe iphimbo lokukhuluma kwami, ngenxa yokuba ngikhathazekile kakhulu ngani.
Funda KwabaseGalathiya 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: KwabaseGalathiya 4:12-20
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo