KwabaseGalathiya 4:12-20

KwabaseGalathiya 4:12-20 ZUL59

Yibani njengami, ngokuba nami nginjengani; bazalwane, ngiyanincenga. Aningonanga ngalutho; kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala, nokulingwa kwenu ngenyama yami anikudelelanga, aninengwanga yikho, kodwa nangamukela ngokungathi ngiyingelosi kaNkulunkulu, ngokungathi nginguKristu Jesu. Pho, sekwayaphi ukuzihalalisela kwenu na? Ngokuba ngiyanifakazela ngokuthi, uma kwakungenzeka, nanizakukhipha amehlo enu, ninginike wona. Konje sengaba yisitha kini ngokunishumayeza iqiniso na? Banishisekela ngokungekuhle, yebo, bafuna ukunivalela ngaphandle, ukuze nishisekele bona. Kepha kuhle ukushisekelelwa ngento enhle njalonjalo, kungabi nxa ngikhona kini kuphela, bantwana bami, enginemihelo futhi ngani, uKristu aze abunjwe phakathi kini; kepha bengingathanda ngibe khona kini manje, ngiguqule izwi lami, ngokuba ngididekile ngani.