UHezekeli 5:1-17

UHezekeli 5:1-17 ZUL20

“Wena ndodana yomuntu, zithathele inkemba ebukhali, uyisebenzise njengensingo yomgundi, ugunde izinwele zakho netshebe yakho, bese uzithathela isikali sokukala, wehlukanise izinwele. Ingxenye yokuthathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, lapho seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa; uyothatha ingxenye yokuthathu elandelayo, uyigalele ngenkemba nxazonke; kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina, uyihlakaze emoyeni. Mina ngizohosha inkemba emva kwabo. Uyakuthatha lapho ingcosana kulezo zinwele uzibophele emiphethweni yengubo yakho. Uyakuthatha futhi ezinye zazo uziphonse emlilweni, uzishise emlilweni. Kuyakuqubuka umlilo lapho, umelane nayo yonke indlu yakwa-Israyeli. “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Leli yiJerusalema, ngilibeke phakathi kwezizwe, lahaqwa ngamazwe. Lihlubukile ezehlulelweni zami nasezimisweni zami, lakhohlakala ukwedlula izizwe namazwe alizungezileyo, ngokuba balahlile izimiso zami, abaze bahamba ngazo.’ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba inxokozelo yenu inkulu ukwedlula izizwe ezinizungezileyo, anihambi ngokwezimiso zami, anizigcini izehlulelo zami, futhi anenzanga ngokwezehlulelo zezizwe ezinizungezileyo; ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka Mina, yebo, Mina ngimelene nawe, ngizokwehlulela wena, izizwe zizibonela ngamehlo azo. Ngizokwenza kuwe engingakaze ngikwenze, engingeyukuphinde ngikwenze futhi okufana nakho, ngenxa yazo zonke izinengiso zakho. Ngakho-ke abazali bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, nabantwana badle abazali, ngiyakuletha ukwehlulela kuwe, kuthi insali yenu ngiyihlakazele kuyo yonke imimoya. Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, ngenxa yokuba ungcolise indawo yami engcwele ngakho konke okwenyanyekayo kwakho, nangazo zonke izinengiso zakho. Nami impela, ngiyakukunciphisa, iso lami aliyukuba nasihawu, futhi Mina, angiyukuba nabubele kuwe. Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe. “ ‘Intukuthelo yami iyakuphela-ke, nganelise ulaka lwami ngabo. Ngiyakuphindisela kubo. Bayakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade, ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengikuphelelisile ukuthukuthela kwami kubo. “ ‘Ngiyakukwenza ube yincithakalo nehlazo ezizweni ezikuzungezile nasemehlweni abo bonke abadlulayo. Kuyakuba yihlazo, isaga, isexwayiso, nokwesabekayo ezizweni zonke ezikuzungezileyo, lapho ngikwehlulela ngentukuthelo, ngolaka nangokukuthethisa. Mina Simakade ngikhulumile. Lapho ngibaciba ngemicibisholo yendlala elimazayo nebhubhisayo, eyakuba ngeyokubhubhisa, ngiyakuyiciba ukuba nginibhubhise; ngiyokwenza kudlange indlala kini, ngiqede nozime lwenu lwezinkwa. Ngiyakuthumela kini indlala nezilwane ezimbi, kunishiye ningenabantwana, kubhoke ubhubhane nokuchitheka kwegazi phakathi kwenu; ngiyokwehlisela inkemba phezu kwakho. Mina Simakade ngikhulumile.’ ”

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo