UHezekeli 5:1-17

UHezekeli 5:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

“Wena-ke, ndodana yomuntu, zithathele inkemba ebukhali, uzithathele impuco eyinsingo, uyidalule ekhanda lakho nasesilevini sakho; bese uzithathela isikali sokukala, uhlukanise izinwele. Kumelwe uyishise ngomlilo ingxenye yesithathu phakathi komuzi, lapho izinsuku zokuvinjezelwa seziphelile; uthathe ingxenye yesithathu, uyishaye ngommese, nengxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni. Kumelwe futhi nithathe ezinye zazo nizibophe emigqonyeni yenu. Bese uthatha futhi kubo, uziphonse phakathi komlilo, uzishise ngomlilo; ngoba kuyo kuphuma umlilo kuyo yonke indlu ka-Israyeli. Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Leli yiJerusalema: ngilimise phakathi kwezizwe namazwe alizungezile. Laziphendulela izimiso zami zaba yibubi kunezizwe, nezimiso zami ngaphezu kwamazwe alihaqayo; ngoba bala izimiso zami lezimiso zami, kabahambanga ngazo. Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nandile ngaphezu kwezizwe ezinihaqileyo, anihambanga ngezimiso zami, anigcinanga izahlulelo zami, aniwenzanga njengezahlulelo zezizwe ezinihaqayo; Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, nami ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho phambi kwamehlo ezizwe. Ngiyakwenza kuwe lokho engingakwenzanga, nengingayikuphinda ngenze into enjalo, ngenxa yazo zonke izinengiso zakho. Ngakho oyise bayakudla amadodana phakathi kwakho, amadodana adle oyise; ngiyakwenza izahlulelo phezu kwakho, ngiyihlakazele yonke insali yakho emimoyeni yonke. Ngakho-ke, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova; Impela, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngazo zonke izinengiso zakho nangazo zonke izinengiso zakho, ngalokho nami ngiyakukwehlisa; iso lami aliyikuhawukela, futhi angiyikudabuka. Ingxenye yesithathu yenu iyakufa ngesifo, futhi iyakuqedwa yindlala phakathi kwenu; ingxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho; ingxenye yesithathu ngiyoyihlakazela emimoyeni yonke futhi ngihoshe inkemba ngemva kwayo. Ngakho ulaka lwami luzaphela, ngibeke ulaka lwami phezu kwabo, ngiduduzeke; ziyakwazi ukuthi mina, Jehova, ngikukhulumile ngokushisekela kwami, lapho sengigcwalise ukufutheka kwami kubo. Ngiyakukwenza incithakalo nehlazo phakathi kwezizwe ezikuhaqayo emehlweni abo bonke abadlulayo. Ngakho kuyakuba yihlazo nehlazo, isijeziso nesimangaliso ezizweni ezikuhaqayo, lapho ngenza izijeziso phezu kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangokusola okuvuthayo. Mina Jehova ngikukhulumile. Lapho ngithumela kubo imicibisholo emibi yendlala, eyakuba ngeyokubhubhisa, engiyithumele ukuba ibhubhise nina; ngiyakwandisa indlala phezu kwenu, ngiphule udondolo lwesinkwa senu; Ngalokho ngiyakuthuma phezu kwenu indlala nezilo ezimbi, ziyakuphanga; futhi isifo esiwumshayabhuqe negazi kuyakudlula kuwe; ngiyakwehlisela inkemba phezu kwenu. Mina Jehova ngikukhulumile.

UHezekeli 5:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Wena ndodana yomuntu, zithathele inkemba ebukhali, uyisebenzise njengensingo yomgundi, ugunde izinwele zakho netshebe yakho, bese uzithathela isikali sokukala, wehlukanise izinwele. Ingxenye yokuthathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, lapho seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa; uyothatha ingxenye yokuthathu elandelayo, uyigalele ngenkemba nxazonke; kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina, uyihlakaze emoyeni. Mina ngizohosha inkemba emva kwabo. Uyakuthatha lapho ingcosana kulezo zinwele uzibophele emiphethweni yengubo yakho. Uyakuthatha futhi ezinye zazo uziphonse emlilweni, uzishise emlilweni. Kuyakuqubuka umlilo lapho, umelane nayo yonke indlu yakwa-Israyeli. “Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Leli yiJerusalema, ngilibeke phakathi kwezizwe, lahaqwa ngamazwe. Lihlubukile ezehlulelweni zami nasezimisweni zami, lakhohlakala ukwedlula izizwe namazwe alizungezileyo, ngokuba balahlile izimiso zami, abaze bahamba ngazo.’ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngokuba inxokozelo yenu inkulu ukwedlula izizwe ezinizungezileyo, anihambi ngokwezimiso zami, anizigcini izehlulelo zami, futhi anenzanga ngokwezehlulelo zezizwe ezinizungezileyo; ngalokho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: bheka Mina, yebo, Mina ngimelene nawe, ngizokwehlulela wena, izizwe zizibonela ngamehlo azo. Ngizokwenza kuwe engingakaze ngikwenze, engingeyukuphinde ngikwenze futhi okufana nakho, ngenxa yazo zonke izinengiso zakho. Ngakho-ke abazali bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, nabantwana badle abazali, ngiyakuletha ukwehlulela kuwe, kuthi insali yenu ngiyihlakazele kuyo yonke imimoya. Ngalokho-ke ngifunga ngiyagomela, kusho iNkosi uSimakade, ngenxa yokuba ungcolise indawo yami engcwele ngakho konke okwenyanyekayo kwakho, nangazo zonke izinengiso zakho. Nami impela, ngiyakukunciphisa, iso lami aliyukuba nasihawu, futhi Mina, angiyukuba nabubele kuwe. Ingxenye yokuthathu yenu, iyakufa ngobhubhane nangendlala, bayoshabalala phakathi kwakho. Ingxenye yokuthathu elandelayo, iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina ihlakazelwe kuyo yonke imimoya, Mina ngizohosha inkemba, ngizixoshe. “ ‘Intukuthelo yami iyakuphela-ke, nganelise ulaka lwami ngabo. Ngiyakuphindisela kubo. Bayakukwazi-ke ukuthi Mina Simakade, ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengikuphelelisile ukuthukuthela kwami kubo. “ ‘Ngiyakukwenza ube yincithakalo nehlazo ezizweni ezikuzungezile nasemehlweni abo bonke abadlulayo. Kuyakuba yihlazo, isaga, isexwayiso, nokwesabekayo ezizweni zonke ezikuzungezileyo, lapho ngikwehlulela ngentukuthelo, ngolaka nangokukuthethisa. Mina Simakade ngikhulumile. Lapho ngibaciba ngemicibisholo yendlala elimazayo nebhubhisayo, eyakuba ngeyokubhubhisa, ngiyakuyiciba ukuba nginibhubhise; ngiyokwenza kudlange indlala kini, ngiqede nozime lwenu lwezinkwa. Ngiyakuthumela kini indlala nezilwane ezimbi, kunishiye ningenabantwana, kubhoke ubhubhane nokuchitheka kwegazi phakathi kwenu; ngiyokwehlisela inkemba phezu kwakho. Mina Simakade ngikhulumile.’ ”

UHezekeli 5:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Wena ndodana yomuntu, zithathele inkemba ebukhali, uzithathele yona njengempuco yomgundi, uyihambise ekhanda lakho nasesilevini sakho, uzithathele isilinganiso sokulinganisa, wahlukanise izinwele. Inxenye yesithathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa, uthathe enye inxenye yesithathu, ugalele ngenkemba nxazonke zayo, nenye inxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni, ngihoshe inkemba emva kwazo. Uyakuthatha khona eziyingcosana, uzibophele emiphethweni yengubo yakho. Futhi kuzona uyakuthatha, uziphonse phakathi komlilo, uzishise ngomlilo; kuyakuvela lapho umlilo, ungene endlini yonke yakwa-Israyeli. “Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lokhu kuyiJerusalema; ngilibekile phakathi kwezizwe, namazwe ayalihaqa. Uhlubukile izahlulelo zami ngokwenza okubi kunezizwe, nezimiso zami kunamazwe alihaqayo, ngokuba balahlile izahlulelo zami nezimiso zami, abahambanga ngazo. “Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo, ningahambi ngezimiso zami, ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, mina, yebo, mina ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho emehlweni ezizwe. Ngiyakwenza kuwe lokho engingazange ngikwenze, nengingasayikukwenza okunjengakho ngenxa yazo zonke izinengiso zakho. Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho. Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho, ngalokho ngiyakukunciphisa impela, iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele. Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo, baphele nangendlala phakathi kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo. “Isiyakuphela intukuthelo yami, nganelise ukufutheka kwami ngabo, ngiduduzeke; bayakwazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengifezile ukufutheka kwami ngabo. “Ngiyakukwenza ube yincithakalo nehlazo phakathi kwezizwe ezikuhaqayo emehlweni abo bonke abadlulayo. Kuyakuba yihlazo, nesaga, nesifundiso, nesimangaliso kuzo izizwe ezikuhaqayo, lapho ngenza izahlulelo phakathi kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangezijeziso ezifuthayo. Mina Jehova ngikhulumile. Lapho ngithumela kini imicibisholo emibi yendlala eyakuba ngukuchitheka kwabo, engiyakuyithuma ukunichitha, ngiyakukhulisa indlala phezu kwenu, ngaphule uzime lwenu lwesinkwa, ngithumele kini indlala nezilwane ezimbi, zikwaphuce abantwana, kudlule phezu kwakho isifo negazi, ngehlisele inkemba phezu kwakho. Mina Jehova ngikhulumile.”