“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ngenyanga yokuqala, ngosuku lwayo lokuqala, uyakuthatha inkunzi neduna elingenasici, bese uhlambulula indlu engcwele. Umphristi uyakuthatha egazini lomnikelo wesono, alibhece ezinsikeni zendlu, emagumbini omane onqenqema lwe-althare nasezinsikeni zesango legceke elingaphakathi. Uyakwenza kanjalo ngosuku lwesikhombisa enyangeni, ngenxa yanoma ngumuphi umuntu ophambukayo nongenalwazi, nenzele indlu ukubuyisana. “ ‘Ngenyanga yokuqala, ngosuku lwe-14 enyangeni, niyakuba nephasika; umkhosi wezinsuku eziyisikhombisa, kudliwe isinkwa esingenamvubelo. Ngalolo lusuku isikhulu siyakuzilungisela sona nabantu bonke bakulelo lizwe, inkunzi ibe ngumnikelo wesono. Ngezinsuku eziyisikhombisa zomkhosi siyakunikela kuSimakade umnikelo wokushiswa, izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa ezingenasici, ngalezo zinsuku eziyisikhombisa; sinikele ngempongo usuku nosuku, ibe ngumnikelo wesono. Siyakunikela ngokusanhlamvu; nge-efa, kube ngokweduna ngalinye, ne-efa ngenqama ngayinye, nehini lamafutha nge-efa elilodwa. “ ‘Kuyakuthi ngenyanga yesikhombisa, ngosuku lwe-15 enyangeni yomkhosi, isikhulu siyakunikela njengoba senzile ngezinsuku eziyisikhombisa, kube ngumnikelo wesono, umnikelo wokushiswa, umnikelo wokusanhlamvu, namafutha.’ ”
Funda UHezekeli 45
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UHezekeli 45:18-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo