UHezekeli 17

17
Izinkozi Nomvini
1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, banike imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli, 3uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ukhozi olukhulu olunamaphiko amakhulu nezimpaphe ezinkulu, lunezimpaphe eziningi ezinemibala eyehlukeneyo, lwafika eLebhanoni, lwathatha isihloko somsedari, 4lwanquma igatsha elisha eliphezulu, lwaluyisa ezweni labahwebi, lwalubeka emzini wabathengi.
5“ ‘ “Lwathatha embewini yezwe, lwayoyitshala emhlabathini ovundileyo, lwayihlwanyela ngasemanzini amaningi, lwayitshala njengomnyezane. 6Yamila yaba ngumvini owenabayo, nokho omfushane, ukuze amagatsha awo abheke ngakuwo, nezimpande zawo zibe phansi kwawo. Waba ngumvini-ke, waba namagatsha, kwavela amahlumela.
7“ ‘ “Kepha kwafika olunye ukhozi olukhulu futhi, lunamaphiko amakhulu nezimpaphe eziningi. Lo mvini-ke wabhekisa izimpande zawo ngakulo, amagatsha awo lwawenabisela kulo ukuze luwunisele, lapho wawutshalwe khona. 8Wawusemhlabathini omuhle ngasemanzini amaningi ukuba uveze amagatsha, uthele izithelo, ube ngumvini omuhle.” ’ ”
9“Batshele uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngabe uyakuphumelela na? Ukhozi aluyukuzisiphula yini izimpande zawo, lunqume izithelo zawo, ukuze ubune, kubune wonke amaqabunga abehlume kuwo, bese kungadingeki amandla amakhulu nabantu abaningi ukuba usishulwe nezimpande zawo na? 10Pho lapho usutshaliwe, uyakuphumelela yini na? Awuyukubuna nokubuna yini lapho ushaywa ngumoya wasempumalanga, lapho utshalwe khona na?” ’ ”
11Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 12“Ake ukhulume kuyo indlu ka-Israyeli ehlubukayo, uthi: ‘Anazi yini ukuthi lezi zinto ziyini na?’ Yisho uthi: ‘Inkosi yaseBhabhele yaya eJerusalema, yathumba inkosi yalo nezikhulu zakhona, yaziyisa kanye nayo eBhabhele. 13Yayisithatha owozalo lwasebukhosini, yenza naye isivumelwano, yamfungisa, yathumba nabaholi balelo lizwe, 14ukuze umbuso uthotshiswe, ungaziphakamisi, kodwa uqhubeke nokugcina isivumelwano sakhe. 15Kepha inkosi yayivukela inkosi yaseBhabhele ngokuthumela izithunywa zayo eGibhithe, ukuba ithole amahhashi nabantu abaningi. Uyophumelela yini na? Uyophunyuka yini owenza lezi zinto? Uyophunyuka yini owephula isivumelwano na?
16“ ‘Ngifunga ngiyagomela,’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘impela endaweni yenkosi eyambeka waba yinkosi, wedelela isifungo sayo, wasaphula isivumelwano sayo; naye uyakufela khona eBhabhele. 17UFaro, ngempi yakhe enkulu nebandla elikhulu analo, akayukumsiza empini, nalapho kwenziwa indunduma, kwakhiwa udonga lokuvimbezela ukuze kubulawe abantu abaningi. 18Ngokuba wedelele isifungo ngokwephula isivumelwano, wenza konke lokho nakuba ethembisile; ngakho-ke akayukuphunyuka.
19“ ‘Ngakho-ke’ ” isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘Ngifunga ngiyagomela, impela isifungo sami asedeleleyo, nesivumelwano sami asaphulileyo; ngiyakukwehlisela phezu kwekhanda lakhe. 20Ngiyakwendlala inetha lami phezu kwakhe, abanjwe ogibeni lwami, ngimyise eBhabhele, ngimehlulele khona lapho ngokungethembeki kwakhe kimi. 21Kuyakuthi bonke ababalekayo bempi yakhe, bawe ngenkemba, kuthi abasindileyo bahlakazelwe kuzo zonke izindawo, kulapho-ke niyokwazi ukuthi Mina Simakade ngikhulumile.’
22“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Mina luqobo, ngiyakuthatha esihlokweni somsedari omude, ngitshale, nginqume emagatsheni amasha aphezulu, elithambileyo, ngilitshale entabeni ende ephakemeyo, 23ngilitshale esicongweni sentaba yakwa-Israyeli; lihlume amagatsha, lithele izithelo, libe ngumsedari omuhle; kuhlale phansi kwamagatsha awo zonke izinyoni ezinhlobonhlobo, zihlale emthunzini wamagatsha awo. 24Zonke izihlahla zasendle ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngenza isihlahla eside sibhashe kuthi esibhashile ngisenze sikhule sibe side. Ngiyasomisa isihlala esiluhlaza, bese ngisihlumisa esomileyo sibe luhlaza.
“ ‘Mina Simakade ngikhulumile futhi ngiyakukwenza lokho.’ ”

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 17: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume