UHezekeli 16

16
Umfazi Ongathembekile
1Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, lazise iJerusalema ngezinengiso zalo, 3uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade kulo iJerusalema, ithi: “Indabuko yakho nokuzalwa kwakho kuseKhanani. Uyihlo wayengumAmoni, unyoko engumHithi. 4Ekuzalweni kwakho, ngosuku owazalwa ngalo, inkaba yakho ayinqunywanga, awugezwanga ngamanzi ukuba uhlambuluke, awuhlikihlwanga ngosawoti, awusongwanga nakusongwa. 5Akukho liso elakubheka lakuhawukela ukuba wenzelwe okukodwa kwalokho, ukhonjiswe ububele, kodwa walahlwa endle, ngokuba wanengeka ngosuku owazalwa ngalo.
6“ ‘ “Ngesikhathi ngidlula ngakuwe, ngakubona ungqashangqasha egazini lakho, ngathi kuwe: wena osegazini lakho: Phila! Yebo, ngasho kanjalo usegazini lakho, ngathi kuwe: Phila! 7Wande njengehlumela lasendle. Ngakwenza wakhula, waba muhle kakhulu; wahlosa amabele, wamila izinwele, kodwa wawunqunu, uhamba ze.
8“ ‘ “Ngesikhathi ngiphinda ngidlula ngakuwe, ngakubuka; ngabona ukuthi usukhulile, usungathanda. Ngase ngendlala isembatho sami phezu kwakho, ngafihla ubunqunu bakho, yebo, ngafunga kuwe, ngenza nawe isivumelwano,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, waba ngowami.
9“ ‘ “Ngakugeza emanzini, ngasusa igazi elalikuwe, ngakugcoba ngamafutha. 10Ngakwembesa ngengubo efekethisiweyo, ngakufaka izicathulo zesikhumba, ngakwethwesa ilineni elicolekileyo ekhanda, ngase ngikwemboza ngosilika. 11Ngakuvunulisa ngemvunulo kanokusho, ngakufaka amasongo ezandleni zakho nomgexo entanyeni. 12Ngakufaka indandatho ekhaleni, amacici ezindlebeni zakho, nomqhele omuhle ekhanda lakho. 13Wahlotshiswa ngegolide nangesiliva, isembatho sakho sasiyilineni elicolekileyo, usilika, nengubo efekethisiweyo. Wadla impuphu ecolisekileyo, uju, namafutha. Impela wawumuhle kakhulu, waphumelela, waze waba yindlovukazi. 14Igama lakho laduma ezizweni ngenxa yobuhle bakho, ngokuba laliphelele ngenxa yemihlobiso engangikuvunulise ngayo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
15“ ‘ “Kepha wethembela ebuhleni bakho, waba yisifebe ngenxa yodumo lwakho, wabuthululela bonke ubufebe bakho kwabadlulayo, baba ngobabo. 16Wathatha ezinye zezingubo zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezikhangayo, wafebela kuzo, okungakaze kwenzeke futhi okungasoze kwenzeka nanini. 17Wathatha imvunulo yobuhle bakho, egolideni lami nasesiliveni lami engangikuphe khona, wazenzela izithombe zabesilisa, wafeba nazo. 18Wathatha izingubo zakho ezifekethisiweyo, wasibekela ngazo izithombe, wabeka amafutha ami nempepho yami phambi kwazo. 19Wathatha nesinkwa sami engangikunike sona, impuphu ecolisekileyo, amafutha, noju engangikunike khona ukuba ukudle, wakubeka phambi kwazo, kwaba yiphunga elimnandi; kwaba kanjalo-ke,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
20“ ‘ “Wathatha amadodana namadodakazi akho owawungizalele wona, wawahlabela zona ukuba azidle. Babubuncane yini ubufebe bakho na? 21Wabulala abantwana bami, wanikela ngabo kuzo, wabadabulisa emlilweni. 22Kuzo zonke izinengiso owazenza, nobufebe bakho, awuzikhumbulanga izinsuku zobusha bakho, ngesikhathi wawunqunu, uhamba ze, ungqashangqasha egazini lakho.
23“ ‘ “Maye! Maye,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
“ ‘ “Ngokuba kwathi emveni kwakho konke lokho kona kwakho, 24wazakhela iqhugwane, wazenzela indawo ephakemeyo ezigcawini zonke. 25Ekuqaleni kwayo yonke imigwaqo, wakha izindawo zakho eziphakemeyo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, imilenze yakho wayenekela bonke abedlulayo, wandisa ubufebe bakho. 26Wafeba nabaseGibhithe, omakhelwane bakho, abagcwele inkanuko enkulu, wandisa ubufebe bakho ukuba ungichukuluze, ukuze ngithukuthele. 27Ngelulela isandla sami kuwe, ngamelana nawe, ngasinciphisa isabelo sakho sokudla, ngakunikela entandweni yabakuzondayo. Amadodakazi amaFilisti ayenamahloni ngendlela owawulihathanga ngayo. 28Wafeba nabantu base-Asiriya, ngokuba wawungeneliswa; yebo, wafeba nabo, kodwa kuze kube manje awukadeli. 29Wandisa ubufebe bakho baze bafinyelela nasezweni labahwebi, iKhalideya, kepha nalokho akukwenelisanga.
30“ ‘ “Maye, ubuthakathaka benhliziyo yakho, ngokuba wenza konke lokhu okwenziwe yisifebe esingakwazi ukuzithiba!” kusho iNkosi uSimakade.
31“ ‘ “Lapho wakha iqhugwane lakho ekuqaleni kwemigwaqo, wenza indawo yakho ephakemeyo kuzo zonke izigcawu, wawungafani nesifebe esikhokhelwayo, 32wena mfazi ophingayo, othatha abafokazi esikhundleni sendoda yakhe. 33Zonke izifebe ziyakhokhelwa, kodwa wena nguwe okhokhela zonke izithandwa zakho, uzifumbathisile ukuba zize kuwe, zivela ezindaweni zonke, ngobufebe bakho. 34Wehlukile kwabanye besifazane ngokufeba kwakho, akekho okulandelayo ukuze afebe nawe, ngokuba nguwe okhokhayo; wena awukhokhelwa lutho, ngalokho-ke wena wehlukile kwezinye izifebe.
35“ ‘ “Ngakho-ke sifebe ndini, yizwa izwi likaSimakade. 36Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: Ngenxa yokuthi inkanuko yakho ithululiwe, nobunqunu bakho bembuliwe ngobufebe bakho nezithandwa zakho, nangenxa yazo zonke izithombe zakho eziyizinengiso, nangegazi labantwana bakho owanikela ngalo; 37ngakho-ke bheka, ngiyakuziqoqa zonke izithandwa zakho ozithokozise ngazo, zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo; ngiyakuziqoqela kuwe zivela kuzo zonke izindawo, ngizembulele ubunqunu bakho ukuba zibubone bonke. 38Ngiyakukwehlulela ngesehlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lolaka nomhawu. 39Ngiyakukunikela ezandleni zazo, zilibhidlize iqhugwane lakho, zizidilize izindawo zakho eziphakemeyo, zikuhlubule izingubo zakho, zithathe izinto zakho ezinhle, zikushiye unqunu, uhamba ze. 40Ziyakuza kuwe nesixuku, zikukhande ngamatshe, zikuhlahlele ngezinkemba zazo. 41Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo, zikwehlulele phambi kwabesifazane abaningi. Ngiyakukwenza ukuba uyeke ukufeba, ungabe usakhokhela muntu. 42Ngiyakulubohlisa ulaka lwami kuwe, ngisuse umona wami kuwe, ngibe nokuthula, ngingabe ngisakuthukuthelela futhi.
43“ ‘ “Ngenxa yokuthi awuzikhumbulanga izinsuku zobusha bakho, kodwa ungithukuthelisile ngakho konke lokhu, nami-ke ngizokwehlisela phezu kwekhanda lakho konke okwenzileyo, ukuze ungabe usazikhanukela zonke ezinye izinengiso zakho,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.
44“ ‘ “Bonke abacaphuna izaga, bayakucaphuna lesi mayelana nawe, bathi: Ukhamba lufuze imbiza.
45“ ‘ “Wena ufuze unyoko, owayenengwa yindoda yakhe, nayizingane zakhe. Ungudade owayenodadewabo, ababenengwa ngamadoda abo nabantwana babo. Unyoko wayengumHithi, uyihlo engumAmori. 46Udadewenu omdala kwakuyiSamariya, amadodakazi akhe, akhe ngasenyakatho yakho. Udadewenu omncane kunawe, wayehlala ngaseningizimu kwakho, uyiSodoma namadodakazi alo. 47Awuhambanga njengezindlela zabo, awenzanga njengezinengiso zabo, kodwa ngesikhashana nje esincane, wena wonakala ukwedlula bona, ezindleleni zakho zonke. 48Ngifunga ngiyagomela,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, “ ‘ “udadewenu uSodoma namadodakazi akhe, akenzanga njengoba kwenze wena namadodakazi akho.
49“ ‘ “Nakhu okwakungukona kukadadewenu uSodoma: ukuzikhukhumeza, ukuba yisiminzi, nokunethezeka namadodakazi akhe; kodwa ababasizanga abampofu nabantulayo. 50Babeziphakamisa, benza izinengiso phambi kwami, ngase ngibasusa njengokubona kwami. 51ISamariya, izono elizenzileyo azisiyo ngisho ingxenye yezono zakho; wena wandise kakhulu izinengiso zakho kunabo, odadewenu ubenze babukeka belungile kunawe ngenxa yalezi zinengiso ozenzileyo. 52Zithwalele ihlazo lakho, ngokuba ubavunile odadewenu ngezono zakho ozenzileyo ezinengekayo; bona sebelungile kunawe. Yebo, mawujabhe, ulithwale ihlazo lakho lokubavuna odadewenu.
53“ ‘ “Ngiyakukuguqula ukuthunjwa kwabo, ukuthunjwa kweSodoma namadodakazi alo, nokuthunjwa kweSamariya namadodakazi alo, nokuthunjwa kwabo bonke abathunjiweyo abaphakathi kwabo, 54ukuze ulithwale ihlazo lakho, uthunazeke ngenxa yakho konke okwenzileyo, lapho ubaduduza. 55Odadewenu, iSodoma namadodakazi alo, bayakubuyela esimweni sabo sokuqala, neSamariya namadodakazi alo, bayakubuyela esimweni sabo sokuqala, wena namadodakazi akho niyakubuyela esimweni senu sokuqala. 56Udadewenu uSodoma awukhulumanga kahle ngaye ngesikhathi usazikhukhumeza, 57lapho bungakambulwa ububi bakho, njengasesikhathini sehlazo lamadodakazi ase-Aramu, nawo wonke amadodakazi amaFilisti alizungezileyo, akudumaza nhlangothi zonke. 58Uyakulithwala icala lokukhanuka kwakho nezinengiso zakho,” ’ ” kusho uSimakade.
59“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngizokwenza uvune okutshalileyo, udelele isifungo ngokwephula isivumelwano. 60Kepha Mina ngiyakusikhumbula isivumelwano sami nawe, sasemihleni yobusha bakho, bese ngikumisela isivumelwano saphakade. 61Uyakuzikhumbula izindlela zakho, ube namahloni, lapho wemukela odadewenu, omdala kunawe nomncane kunawe, ngikunike bona babe njengamadodakazi, kodwa hhayi ngenxa yesivumelwano sami nawe. 62Ngiyakumisa isivumelwano sami nawe, wazi ukuthi nginguSimakade, 63ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usawuvula umlomo wakho futhi, ngenxa yehlazo lakho, lapho sengikuthethelele konke okwenzileyo,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume