I-Eksodusi 38

38
I-althare Lomnikelo Wokushiswa
1 Wenza i-althare lomnikelo wokushiswa ngokhuni lomkhambathi; laba ngamakhubhithi ayisihlanu ubude, namakhubhithi ayisihlanu ububanzi; laba yisikwele, nokuphakama kwalo kwaba ngamakhubhithi amathathu. 2Wenza izimpondo emakhoneni alo omane, izimpondo zazenzelwe kulo; wazemboza ngethusi. 3Wenza zonke izimpahla ze-althare; amabhodwe, amafosholo, imicengezi, izimfologo nemicengezi yomlilo, konke wakwenza ngethusi. 4Walenzela i-althare inetha lethusi elenziwe njengenetha phansi konqenqema lwe-althare ukuba lifinyelele ngaphakathi kwe-althare ukuya phezulu. 5Wenza amasongo amane okulithwala, wawabeka emakhoneni omane. 6Wenza izingongolo ngokhuni lomkhambathi, wazicaka ngethusi, 7wazifaka izingongolo emasongweni asezinhlangothini ze-althare, ukuze lithwalwe ngazo. I-althare walenza ngamapulangwe; laba wugobhozi.
Umcengezi Wethusi
8 Wenza umcengezi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane ababesebenza emnyango wethende lokuhlangana.
Igceke
9 Wenza negceke; ngaseningizimu kwakulenga amakhethini enziwe ngelineni lemicu ephothiweyo ecolekileyo, lingamakhubhithi ayikhulu ubude; 10izinsika zalo zazingama-20, nezisekelo zalo zethusi ezingama-20; izinkintsho zezinsika nezibopho kwakuyisiliva. 11Ngasohlangothini lwasenyakatho kunamakhethini angamakhubhithi ayikhulu ubude; izinsika zawo bungama-20, izisekelo zawo ezingama-20 zilithusi, izinkintsho namabhande kulisiliva. 12Ngasohlangothini lwasentshonalanga kulenga amakhethini angamakhubhithi angama-50 ubude, enezinsika ezilishumi, nezisekelo ezilishumi; izinkintsho namabhande kulisiliva. 13Ngasohlangothini lwasempumalanga kungamakhubhithi angama-50. 14Amakhubhithi ohlangothini lwesango ayengamakhubhithi ali-15, enezinsika ezintathu, nezisekelo ezintathu. 15Ngakolunye uhlangothi kusuka ngapha kuya ngale kwesango legceke kwakulenga amakhethini angamakhubhithi ali-15, enezinsika ezintathu, nezisekelo ezintathu. 16Onke amakhethini eyezungeze igceke ayenziwe ngelineni lemicu ephothiweyo. 17Izisekelo zezinsika zazilithusi; izinkintsho zezinsika namabhande akhona kulisiliva; izihloko zalo zicakwe ngesiliva, zonke izinsika zegceke zinezibopho zesiliva. 18Isihenqo sesango legceke sasihlotshiswe ngensonto eluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo. Kwakungamakhubhithi angama-20 ubude, ukuphakama nobubanzi balo bungamakhubhithi ayisihlanu, kulingana namakhethini egceke. 19Kwakunezinsika ezine nezisekelo zazo ezine kungezethusi, izinkintsho zalo kungezesiliva, izihloko zazo zembozwe ngesiliva, nezibopho zalo zingezesiliva. 20Zazilithusi macala wonke zonke izikhonkwane zethabanakeli nezegceke.
Izindleko Zethabanakeli
21Lezi kwakuyizindleko zethabanakeli; ithabanakeli lesivumelwano, ezahlanganiswa njengokuyala kukaMose, umsebenzi wabaLevi wawuphansi kuka-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi. 22UBhezaleli indodana ka-Uri, kaHure wesizwana sakwaJuda, wenza konke lokho uSimakade ayeyale ngakho uMose. 23Wayeno-Oholiyabhe indodana ka-Ahisamakhi wesizwana sakwaDani, umqophi, nengcweti yokuhlobisa, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni elicolekileyo.
24Lonke igolide elasetshenziselwa lowo msebenzi, kuwo wonke umsebenzi wendawo engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta angama-29, namashekeli angama-730 ngokweshekeli lendlu engcwele. 25 Isiliva elathokala enhlanganweni eyayibaliwe laba ngamathalenta alikhulu, namashekeli ayi-1 775 ngokweshekeli lendlu engcwele. 26 Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550. 27Amathalenta ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izisekelo zendawo engcwele, nezisekelo zesihenqo; izisekelo eziyikhulu zingamathalenta ayikhulu, kuyithalenta isisekelo ngasinye. 28Wenza izinkintsho zezinsika ngamashekeli ayi-1 775 wacaka izihloko zawo, wenza nezibopho zazo. 29Ithusi elalinikeliwe lalingamathalenta angama-70, namashekeli ayizi-2 400; 30wenza ngalo izisekelo zesango lethende lokuhlangana, i-althare lethusi, inetha lethusi, nazo zonke izimpahla ze-althare, 31zonke izisekelo ezizungeze igceke, nezesango legceke, nazo zonke izikhonkwane zethabanakeli nxazonke zegceke.

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 38: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo