I-Eksodusi 37
37
Umphongolo Nesihlalo Somusa
1 UBhezaleli wawakha umphongolo ngokhuni lomkhambathi; waba ngamakhubhithi amabili nengxenye ubude, yikhubhithi nengxenye ububanzi, nekhubhithi nengxenye ukuphakama. 2Wawucaka ngegolide elicolekileyo ngaphakathi nangaphandle, wenza unqenqema lwegolide lwawuzungeza. 3Wawenzela amasongo amane egolide ezinyaweni zozine zawo, amasongo ngamabili ngakulolu hlangothi, namabili ngakolunye uhlangothi. 4Wenza izingongolo ngokhuni lomkhambathi, wazicaka ngegolide, 5wafaka izingongolo emasongweni ezinhlangothini zomphongolo, ukuze uthwalwe ngazo. 6Wenza isihlalo somusa ngegolide elicolisekileyo; saba ngamakhubhithi amabili nengxenye ubude, nekhubhithi nengxenye ububanzi. 7Wenza amakherubhi amabili ngegolide elicangcathiweyo; wawabeka ezinhlangothini zombili ekugcineni kwesihlalo somusa, 8ikherubhi ngalinye ekugcineni kwalolu hlangothi lwesihlalo somusa, nelinye ekugcineni kolunye uhlangothi, kulelo nalelo chopho lesivalo. 9Amakherubhi ayendlale amaphiko awo phezu kwesihlalo somusa, esembozile; ebhekene ngobuso bawo, ayesebheka esihlalweni somusa.
Itafula
10 Walakha itafula ngokhuni lomkhambathi, laba ngamakhubhithi amabili ubude, nekhubhithi ububanzi, nekhubhithi nengxenye ukuphakama. 11Walicaka ngegolide elicolisekileyo, wenza unqenqema lwegolide nxazonke. 12Walenzela unqenqema olungangokuvuleka kwesandla ububanzi, walucaka ngegolide elicolisekileyo nxazonke. 13Wenza amasongo egolide amane, wawafaka emakhoneni alo omane, asemilenzeni yalo. 14Amasongo okufaka izingongolo zokulithwala ayesondelene nonqenqema. 15Wenza izingongolo ngokhuni lomkhambathi, wazicaka ngegolide. 16Wenza ngegolide elicolisekileyo imicengezi eyayizohlala etafuleni, izingqwembe, nezitsha zempepho, izinkezo, nezindebe ezisetshenziselwa umnikelo wewayini.
Uthi Lwezibani
17 Wenza futhi nothi lwezibani ngegolide elicolisekileyo, isinqe salo nothi lwalo kwakwenziwe ngokucangcathiweyo; izindebe, izimbali nemidumba kuhlanganisiwe kwaba yinto eyodwa. 18Kwakukhona amagatsha ayisithupha ayexhume esiqwini sezibani, emathathu ohlangothini ngalunye. 19Kwelinye igatsha kwakunezindebe ezintathu ezazimi njengezimbali zomu-alimondi, yileyo naleyo inemidumba nembali. Kwelinye igatsha kwakunezindebe ezintathu ezazimi njengezimbali zomu-alimondi, yileyo naleyo inemidumba nembali. Kwakunjalo kuwo wonke amagatsha ayisithupha aphuma othini lwezibani. 20Othini lwesibani kwakukhona izindebe ezine ezazimise okwembali yomu-alimondi, zinemidumba nembali. 21Kwakunomdumba ngaphansi kwamagatsha amabili, neminye imidumba phansi kwalelo nalelo gatsha, wonke amagatsha ayisithupha ayephuma kulo. 22Imidumba namagatsha ayephuma kulo, konke kwakungumsebenzi owodwa ocangcathiweyo wegolide elicwengekileyo. 23Wenza izibani zalo eziyisikhombisa, nezindlawu zalo nezingqwembe zegolide elicwengekileyo zokukhongozela amalahle avuthayo. 24Walwenza lona nazo zonke izimpahla zalo ngethalenta legolide elicwengekileyo.
I-althare Lempepho
25 Wenza i-althare lempepho ngokhuni lomkhambathi, ubude balo baba yikhubhithi, nobubanzi balo baba yikhubhithi; laba yisikwele, ukuphakama kwalo kwaba ngamakhubhithi amabili; kukhona nezimpondo kulo. 26Walicaka ngegolide elicwengekileyo ngaphezulu, kwathi zonke izinhlangothi zalo nezimpondo zalo, wazenzela unqenqema lwegolide nxazonke. 27Walenzela amasongo amabili egolide phansi konqenqema, nhlangothi zombili ukuze kungene izingongolo zokulithwala. 28 Walenzela izingongolo ngokhuni lomkhambathi, wazicaka ngegolide.
Amafutha Okugcoba Nempepho
29 Wenza amafutha okugcoba angcwele, namakha empepho amnandi, ethakwe ngumthaki oyingcweti.
Okuqokiwe okwamanje:
I-Eksodusi 37: ZUL20
Qhakambisa
Dlulisela
Kopisha
Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.