Wenza negceke; ngaseningizimu kwakulenga amakhethini enziwe ngelineni lemicu ephothiweyo ecolekileyo, lingamakhubhithi ayikhulu ubude; izinsika zalo zazingama-20, nezisekelo zalo zethusi ezingama-20; izinkintsho zezinsika nezibopho kwakuyisiliva. Ngasohlangothini lwasenyakatho kunamakhethini angamakhubhithi ayikhulu ubude; izinsika zawo bungama-20, izisekelo zawo ezingama-20 zilithusi, izinkintsho namabhande kulisiliva. Ngasohlangothini lwasentshonalanga kulenga amakhethini angamakhubhithi angama-50 ubude, enezinsika ezilishumi, nezisekelo ezilishumi; izinkintsho namabhande kulisiliva. Ngasohlangothini lwasempumalanga kungamakhubhithi angama-50. Amakhubhithi ohlangothini lwesango ayengamakhubhithi ali-15, enezinsika ezintathu, nezisekelo ezintathu. Ngakolunye uhlangothi kusuka ngapha kuya ngale kwesango legceke kwakulenga amakhethini angamakhubhithi ali-15, enezinsika ezintathu, nezisekelo ezintathu. Onke amakhethini eyezungeze igceke ayenziwe ngelineni lemicu ephothiweyo. Izisekelo zezinsika zazilithusi; izinkintsho zezinsika namabhande akhona kulisiliva; izihloko zalo zicakwe ngesiliva, zonke izinsika zegceke zinezibopho zesiliva. Isihenqo sesango legceke sasihlotshiswe ngensonto eluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo. Kwakungamakhubhithi angama-20 ubude, ukuphakama nobubanzi balo bungamakhubhithi ayisihlanu, kulingana namakhethini egceke. Kwakunezinsika ezine nezisekelo zazo ezine kungezethusi, izinkintsho zalo kungezesiliva, izihloko zazo zembozwe ngesiliva, nezibopho zalo zingezesiliva. Zazilithusi macala wonke zonke izikhonkwane zethabanakeli nezegceke.
Lezi kwakuyizindleko zethabanakeli; ithabanakeli lesivumelwano, ezahlanganiswa njengokuyala kukaMose, umsebenzi wabaLevi wawuphansi kuka-Ithamari, indodana ka-Aroni umphristi. UBhezaleli indodana ka-Uri, kaHure wesizwana sakwaJuda, wenza konke lokho uSimakade ayeyale ngakho uMose. Wayeno-Oholiyabhe indodana ka-Ahisamakhi wesizwana sakwaDani, umqophi, nengcweti yokuhlobisa, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni elicolekileyo.
Lonke igolide elasetshenziselwa lowo msebenzi, kuwo wonke umsebenzi wendawo engcwele, igolide lomnikelo lalingamatalenta angama-29, namashekeli angama-730 ngokweshekeli lendlu engcwele. Isiliva elathokala enhlanganweni eyayibaliwe laba ngamathalenta alikhulu, namashekeli ayi-1 775 ngokweshekeli lendlu engcwele. Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550. Amathalenta ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izisekelo zendawo engcwele, nezisekelo zesihenqo; izisekelo eziyikhulu zingamathalenta ayikhulu, kuyithalenta isisekelo ngasinye. Wenza izinkintsho zezinsika ngamashekeli ayi-1 775 wacaka izihloko zawo, wenza nezibopho zazo. Ithusi elalinikeliwe lalingamathalenta angama-70, namashekeli ayizi-2 400; wenza ngalo izisekelo zesango lethende lokuhlangana, i-althare lethusi, inetha lethusi, nazo zonke izimpahla ze-althare, zonke izisekelo ezizungeze igceke, nezesango legceke, nazo zonke izikhonkwane zethabanakeli nxazonke zegceke.