UMose wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Bhekani, uSimakade umbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, kaHuri, wesizwe sakwaJuda. Umgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, wamupha ikhono, ukuqonda, ulwazi lwanoma yiluphi uhlobo lomsebenzi wezandla, ukuba enze imisebenzi yobungcweti, asebenzise igolide, isiliva nethusi, aqophe amatshe okuhlobisa, abaze ukhuni, nokuba enze yonke imisebenzi yobungcweti. USimakade umphile yena no-Oholiyabhe indodana ka-Ahisamakhi, wesizwe sakwa-Dani ikhono lokufundisa. Ubagcwalise ngokuhlakanipha ukuba benze yonke imisebenzi eyenziwa ngumqophi, ingcweti, nomfekethisi, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwezane, ngokubomvu, nangelineni elicolekileyo, nemisebenzi yomaluki, eyalabo abenza noma yimuphi umsebenzi, nabenza imisebenzi yobungcweti.
Funda I-Eksodusi 35
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: I-Eksodusi 35:30-35
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo