UMose wathi kuSimakade: “Bheka, uthe kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kodwa awungitshelanga ukuthi ngubani oyakumthuma nami. Uthe: ‘Ngiyakwazi ngegama, futhi ufumene umusa emehlweni ami.’ Ngakho-ke uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ungibonise izindlela zakho ukuba ngikwazi, ngifumane umusa emehlweni akho. Khumbula futhi ukuthi lesi sizwe singabantu bakho.” USimakade wathi: “Ngizohamba nawe Mina uqobo, futhi ngiyakukuphumuza.” UMose wathi kuye: “Uma Wena uqobo ungahambi nathi, ungasikhuphuli lapha. Kuyokwaziwa kanjani ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho, mina nabantu bakho, uma ungahambi nathi na? Akusikhona yini ukuhamba nathi okuzokwenza ukuthi mina nabantu bakho sehluke kubo bonke abanye abantu abasemhlabeni na?”
Funda I-Eksodusi 33
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: I-Eksodusi 33:12-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo