I-Eksodusi 3:17-22

I-Eksodusi 3:17-22 ZUL20

ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’ “Bayokulalela okushoyo; wena uyakuhamba namalunga akwa-Israyeli niye enkosini yaseGibhithe, nifike nithi: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru uzibonakalisile kithi, ngakho-ke sivumele sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, ukuze sihlabele uSimakade uNkulunkulu wethu.’ Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibhithe ayiyukunivumela ukuba nihambe, ngaphandle kokuba ngiyicindezele ngesandla esinamandla. Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe. “Ngiyakunenzela umusa emehlweni abaseGibhithe. Lapho senihamba, aniyukuphuma nilambatha, kodwa yilowo nalowo owesifazane uyocela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobele emzini wakhe, izinto zesiliva, ezegolide, nezingubo zokugqoka, niyogqokisa amadodana namadodakazi enu; nibaphange kanjalo abaseGibhithe.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne I-Eksodusi 3:17-22