U-Eksodusi 3:17-22
U-Eksodusi 3:17-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ngathi ngizonikhuphula ekuhlushweni ngabaseGibhithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, lamaHithi, lama-Amori, lamaPherizi, lamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi noju.” ’ “Bayokulalela okushoyo; wena uyakuhamba namalunga akwa-Israyeli niye enkosini yaseGibhithe, nifike nithi: ‘USimakade, uNkulunkulu wamaHebheru uzibonakalisile kithi, ngakho-ke sivumele sihambe ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, ukuze sihlabele uSimakade uNkulunkulu wethu.’ Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibhithe ayiyukunivumela ukuba nihambe, ngaphandle kokuba ngiyicindezele ngesandla esinamandla. Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe. “Ngiyakunenzela umusa emehlweni abaseGibhithe. Lapho senihamba, aniyukuphuma nilambatha, kodwa yilowo nalowo owesifazane uyocela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobele emzini wakhe, izinto zesiliva, ezegolide, nezingubo zokugqoka, niyogqokisa amadodana namadodakazi enu; nibaphange kanjalo abaseGibhithe.”
U-Eksodusi 3:17-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’ “Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa-Israyeli enkosini yaseGibithe, nithi kuyo: ‘UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu, siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.’ Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla. Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke. “Ngiyakunika lesi sizwe umusa emehlweni abaseGibithe, kuze kuthi lapho nisuka, aniyikuhamba ningaphethe lutho, kepha yilowo nalowo wesifazane uyakucela kumakhelwane wakhe nakuye ogogobeleyo endlini yakhe izinto zesiliva nezinto zegolide, nezingubo; niyakuzifaka kumadodana enu nakumadodakazi enu, niphange abaseGibithe.”
U-Eksodusi 3:17-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, namaHeti, nama-Amori, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, ezweni elichichima ubisi nezinyosi. Kumelwe ufike, wena namadoda amadala akwa-Israyeli, enkosini yaseGibhithe, nithi kuyo: ‘INkosi, uNkulunkulu wamaHebheru, isihlangabeze; manje masihambe, uhambo lwezinsuku ezintathu siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu. Ngiyazi ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikunivumela ukuba nihambe, cha, kungengasandla esinamandla. Ngiyakwelula isandla sami, ngilehlule iGibithe ngezimangaliso zami zonke engiyozenza kulo; emva kwalokho uyakunivumela ukuba nihambe. Futhi ngizonika laba bantu umusa emehlweni aseGibhithe, futhi lapho nihamba, ngeke nihambe nize. Kodwa yilowo nalowo wesifazane kumelwe atsheleke izinto zesiliva nezegolide nezingubo kumakhelwane wakhe nakuyena ohlala endlini yakhe; ulidwebe phezu kwamadodana akho namadodakazi akho; futhi kumelwe niphange abaseGibhithe.