I-Eksodusi 25

25
Ithabanakeli LikaSimakade
Imithetho Yokunikela
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Khuluma nabantu bakwa-Israyeli ukuze bangilethele umnikelo, kube yilowo nalowo anikele ngokuthanda kwenhliziyo yakhe; ningilethele umnikelo wami. 3Yilo umnikelo eniyakuwuletha uvela kubo: igolide, isiliva, ithusi, 4okuluhlaza okwesibhakabhaka, okubukhwebezane, okubomvu, ilineni elicolekileyo, uboya bezimbuzi; 5izikhumba zezinqama ezidaywe zabomvu; izikhumba zamahlengethwa, izingodo zokhuni lomkhambathi, 6amafutha ezibani, amakha, amafutha okugcoba nawempepho, 7amatshe amashohamu, namatshe okuhlobisa ingubo yamahlombe nasesifubeni.
8 “Mabangenzele ithabanakeli elingcwele ukuze ngihlale phakathi kwabo. 9 Yenzani konke njengalokho engizakunikhombisa khona, umfanekiso wethabanakeli, nayo yonke impahla ekulo, niyakuyenza kanjalo.”
Umphongolo Wesivumelwano
10 “Bayakuwenza umphongolo ngokhuni lomkhambathi, ubude bube ngamakhubhithi amabili nengxenye, ububanzi bube yikhubhithi nengxenye, nokuphakama kwawo kube yikhubhithi nengxenye. 11 Uyakuwucaka ngegolide elicwengekileyo ngaphandle nangaphakathi, uwenzele umphetho wegolide nxazonke. 12Uwenzele amasongo amane egolide, uwafake emilenzeni yawo yomine; amasongo abe mabili ohlangothini ngalunye. 13Wenze izingongolo ngokhuni lomkhambathi bese uzicaka ngegolide, 14izingongolo uzifake emasongweni asezinhlangothini zomphongolo ukuze uthwalwe ngazo. 15Izingongolo kufanele zihlale emasongweni, zingasuswa kuwo. 16 Uyofaka emphongolweni izibhebhe zamatshe engizokunika zona. 17Uyokwenza isivalo sesihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo, ubude baso bube ngamakhubhithi amabili nengxenye, ububanzi baso bube yikhubhithi nengxenye. 18Uyokwenza amakherubhi amabili ngegolide elicangcathiweyo; uwabeke emphethweni wesihlalo somusa nxazombili zaso. 19Uyokwenza ikherubhi ngalinye libe sekugcineni kwezinhlangothi zombili, uwenze ekugcineni nxazombili, ahlangane nesihlalo somusa. 20 Amakherubhi ayokwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze ngawo isihlalo somusa, abhekane ngobuso; ubuso bawo buyobheka isihlalo somusa. 21Uyosibeka isihlalo somusa phezu komphongolo, ufake phakathi izibhebhe zamatshe engizokunika zona. 22 Ngiyohlangana nawe lapho, ngikhulume nawe ngiphezu kwesihlalo somusa naphakathi kwamakherubhi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngiyakukuyala ngakho konke oyakukukhuluma kubantu bakwa-Israyeli.”
Itafula Lezinkwa Ezinikelwa KuNkulunkulu
23 “Uyokwenza itafula ngokhuni lomkhambathi, ubude balo bube ngamakhubhithi amabili, ububanzi balo bube yikhubhithi, nokuphakama kwalo kube yikhubhithi nengxenye. 24 Uyolicaka ngegolide elicwengekileyo, ulenzele umphetho wegolide nxazonke. 25Uyolenzela unqenqema olungangesandla ububanzi nxazonke, ulenzele nomphetho wegolide nxazonke. 26Uyolenzela amasongo amane ngegolide, uwafake emakhoneni omane asemilenzeni yalo. 27Eduze konqenqema kuyakuba khona amasongo okuyongena kuwo izingongolo zokuthwala itafula. 28Uyozenza izingongolo ngokhuni lomkhambathi, uzicake ngegolide ukuze itafula lithwalwe ngazo. 29Uyokwenza izingqwembe zalo, izinkomishi, izinkezo, nezinkamba zokuthela; ukwenze ngegolide elicwengekileyo. 30 Uyobeka njalo phambi kwami phezu kwetafula isinkwa soBukhona bami.”
Uthi Lwezibani
31 “Uyokwenza uthi lwezibani ngegolide elicwengekileyo, uyakulwenza ngomsebenzi ocangcathiweyo, isisekelo salo, nesiqu salo kwenziwe ngegolide elicangcathiweyo; izimbali zokuhlobisa, imiqumbe, namacembe, kube kunye nalo. 32Kuyakuba khona amagatsha ayisithupha aphuma ezinhlangothini zalo, abe mathathu ngasohlangothini ngalunye. 33Igatsha lokuqala kufanele lithwale izindebe ezintathu ezimise okwe-alimondi eliqhakazileyo, imiqumbe, namacembe avulekileyo. Igatsha lesibili kufanele lithwale izindebe ezintathu ezimise okwe-alimondi, nemiqumbe namacembe azo. Makufane kuwo wonke amagatsha ayisithupha enabele ngaphandle othini lwezibani. 34Othini lwezibani makube nezindebe ezine ezimise okwe-alimondi, nemiqumbe yazo, namacembe azo. 35Kuyokuba khona umqumbe phansi kwamagatsha amabili, umqumbe phansi kombanqwana bamagatsha esibili, nomqumbe phansi kombanqwana bokugcina bamagatsha, kuyoba njalo kuwo oyisithupha amagatsha enabele ngaphandle othini lwezibani. 36Imiqumbe yawo, namagatsha awo ayokuba yingxenye eyodwa nawo, konke kube ngumsebenzi owodwa ocangcathiwe wegolide elicwengekileyo.
37 “Uyokwenza izibani eziyisikhombisa uzibeke othini, zikhanyise phambi kwalo. 38Uyokwenza izindlawu nezitsha zomlotha ngegolide elicwengekileyo. 39Uthi lwezibani nakho konke lokhu makwenziwe ngamathalenta egolide elicwengekileyo. 40 Qikelela ukuba lokho ukwenze ngendlela okhonjiswe yona kule ntaba.

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 25: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume