I-Eksodusi 24

24
Ukusicilelwa Kwesivumelwano
1 USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kuSimakade, wena, no-Aroni, noNadabi, no-Abhihu, namalunga angama-70 akwa-Israyeli; nikhothame ningikhonze nisekude. 2NguMose kuphela oyakusondela kuSimakade, kepha abanye abayukusondela; nabantu abayukukhuphuka naye.”
3 UMose weza watshela abantu wonke amazwi kaSimakade nezehlulelo zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Wonke amazwi uSimakade awakhulumile sizowenza.”
4 UMose wawabhala wonke amazwi kaSimakade. Wavuka ekuseni ngovivi, wakha i-althare phansi kwentaba, wamisa izinsika ezili-12 ngokwezizwe ezili-12 zakwa-Israyeli. 5 Wathuma izinsizwa zakwa-Israyeli zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uSimakade amaduna ukuba abe yimihlatshelo yokuthula. 6 UMose wathatha ingxenye yegazi walithela ezitsheni, kwathi enye wafafaza ngayo i-althare. 7 Wayesethatha incwadi yesivumelwano, wayifunda belalele abantu, bonke bathi: “Konke uSimakade akukhulumile, sizokwenza, sizokukuhlonipha.”
8 UMose wathatha igazi wafafaza ngalo abantu, wathi: “Bhekani, leli yigazi lesivumelwano uSimakade asenze nani ngawo wonke lawa mazwi.”
UMose Entabeni ISinayi
9 UMose, u-Aroni, uNadabi, u-Abhihu namalunga akwa-Israyeli angama-70 bakhuphuka, 10 bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakukhona okwakufana nendawo egandaywe ngamatshe esafire, kungathi yizulu uqobo ngokucweba. 11 UNkulunkulu akazenzakalisanga izikhulu zabantu bakwa-Israyeli, kodwa zambona, zadla, zaphuza.
12 USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni uhlale lapho, ngizokunika izibhebhe zamatshe, umthetho nemiyalelo engikubhalileyo ukuze ubafundise yona.”
13 UMose nenceku yakhe uJoshuwa bavuka, uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu. 14 Wathi kumalunga: “Silindeni lapha kule ndawo size sibuyele kini. Bhekani, u-Aroni noHure banani; noma ngubani onodaba makaye kubo.”
15 UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu layisibekela intaba. 16 Inkazimulo kaSimakade yahlala entabeni iSinayi, ifu layisibekela intaba izinsuku eziyisithupha; kwathi ngosuku lwesikhombisa uSimakade esefini, wambiza uMose. 17 Ukubonakala kwenkazimulo kaSimakade kubantu bakwa-Israyeli kwakufana nomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba. 18 UMose wangena phakathi efini, wakhuphukela entabeni, wayesentabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40.

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 24: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume