I-Eksodusi 20:1-5

I-Eksodusi 20:1-5 ZUL20

UNkulunkulu wakhuluma wonke lawa mazwi, wathi: “NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila. Ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami. Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, sanoma yini olusezulwini phezulu, noma olusemhlabeni phansi, noma olusemanzini phansi komhlaba. Ungazikhothameli, ungahungeki ukuba uzikhonze, ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wakho, nginguNkulunkulu onomhawu, ngihambela ububi bawoyise kubantwana, kuso isizukulwane sesithathu nesesine sabangizondayo