Kwathi ngenyanga yesithathu emveni kokuphuma kwabantu bakwa-Israyeli eGibhithe, ngalo lolo lusuku, bafika ehlane iSinayi. Basuka eRefidimi bafinyelela ehlane iSinayi, bakanisa ehlane; abakwa-Israyeli bakanisa lapho-ke, phambi kwentaba. UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uSimakade wambiza esentabeni, wathi: “Yisho kanje kuyo indlu kaJakobe, umemezele kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi. Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami. Niyakuba ngumbuso wabaphristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi oyokuwakhuluma kubantu bakwa-Israyeli.’ ”
Funda I-Eksodusi 19
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: I-Eksodusi 19:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo