U-Eksodusi 19:1-6
U-Eksodusi 19:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi ngenyanga yesithathu emveni kokuphuma kwabantu bakwa-Israyeli eGibhithe, ngalo lolo lusuku, bafika ehlane iSinayi. Basuka eRefidimi bafinyelela ehlane iSinayi, bakanisa ehlane; abakwa-Israyeli bakanisa lapho-ke, phambi kwentaba. UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uSimakade wambiza esentabeni, wathi: “Yisho kanje kuyo indlu kaJakobe, umemezele kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi. Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami. Niyakuba ngumbuso wabaphristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi oyokuwakhuluma kubantu bakwa-Israyeli.’ ”
U-Eksodusi 19:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngenyanga yesithathu emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi. Sebesukile eRefidimi, befike ehlane laseSinayi, bamisa ehlane; u-Israyeli wahlala khona phambi kwentaba. UMose wakhuphukela kuNkulunkulu; uJehova esentabeni wamemeza kuye, wathi: “Yisho kuyo indlu kaJakobe, ubatshele abantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi. Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami, nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”
U-Eksodusi 19:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngenyanga yesithathu ekuphumeni kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngalona lolo suku, bafika ehlane laseSinayi. Basuka eRefidimi, bafika ehlane laseSinayi, bamisa ehlane; u-Israyeli wamisa lapho phambi kwentaba. UMose wakhuphukela kuNkulunkulu, uJehova wambiza esentabeni, wathi: “Uyakusho kanje kuyo indlu kaJakobe, usho kubantwana bakwa-Israyeli; Nabona engakwenzayo kwabaseGibithe, nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi nganiletha kimi. Uma manje nilalela ngempela izwi lami futhi nigcina isivumelwano sami, niyoba ingcebo yempahla yami ngaphezu kwabantu bonke, ngoba umhlaba wonke ungowami. Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi nesizwe esingcwele. Lawa ngamazwi okumelwe uwakhulume kubantwana bakwa-Israyeli.