Kwabase-Efesu 5:21-33

Kwabase-Efesu 5:21-33 ZUL20

nithobelane ngenxa yokumesaba uKhristu. Abafazi mabathobele amadoda abo kube sengathi bathobela iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKhristu eyinhloko yebandla, Yena engumsindisi womzimba. Kepha njengalokhu ibandla lithobela uKhristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda abo ezintweni zonke. Madoda, thandani omkenu, njengalokhu noKhristu elithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo, ukuba alingcwelise, alihlambulule ngokuligeza ngamanzi, nangezwi, ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele, lingabinacala. Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akekho umuntu owake wazonda umzimba wakhe, kunalokho uyawondla, awuphathe kahle, njengalokhu noKhristu enza kulo ibandla, ngokuba singamalungu omzimba wakhe. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKhristu nebandla. Ngakho-ke nani makube yilowo nalowo athande umkakhe, njengalokhu ezithanda yena, kodwa inkosikazi mayihloniphe indoda yayo.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Kwabase-Efesu 5:21-33