uma nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu, ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yakuqala, owonakele ngenxa yezinkanuko zenkohlakalo, nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu, nokuba nembathe umuntu omusha odalwe ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso. Ngakho-ke hlukanani namanga, nikhulume iqiniso, kube yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, ngokuba singamalungu omunye elomunye. Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.
Funda Kwabase-Efesu 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase-Efesu 4:21-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo