ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe. UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni, nibe namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, ubude, ukuphakama, nokujula kothando lwakhe, nilwazi uthando lukaKhristu olwedlula ukuqonda konke, ukuze nipheleliswe ngokuphelela konke kukaNkulunkulu. KuYena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, makube kuye udumo ebandleni nakuKhristu uJesu ezizukulwaneni zonke, phakade naphakade. Amen.
Funda Kwabase-Efesu 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase-Efesu 3:16-21
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo