Kwabase-Efesu 3:14-19

Kwabase-Efesu 3:14-19 ZUL20

Ngenxa yalokho, ngiguqa ngamadolo kuYise eyethiwe ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni, ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe. UKhristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni, nibe namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, ubude, ukuphakama, nokujula kothando lwakhe, nilwazi uthando lukaKhristu olwedlula ukuqonda konke, ukuze nipheleliswe ngokuphelela konke kukaNkulunkulu.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo