Kwabase-Efesu 1:17-21

Kwabase-Efesu 1:17-21 ZUL20

ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena, esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele, nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu, asebenze ngawo kuKhristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe emazulwini, ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo.