Kwabase-Efesu 1:1-15

Kwabase-Efesu 1:1-15 ZUL20

UPawula, umphostoli kaKhristu uJesu ngokwentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKhristu uJesu: makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu, naseNkosini uJesu Khristu. Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya; njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe. Wakumisa phambilini ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Khristu, njengalokhu kwaba kuhle kuye ngentando yakhe, ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo, esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe, asiphe wona ngokwedlulele kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda, esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe, azokuphelelisa ngesikhathi esifanele, ukuhlanganisa konke kuKhristu, konke okusezulwini nokusemhlabeni; kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe, ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe. Kuye, nani senilizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, nakholwa nguye futhi, nabekwa uphawu ngoMoya oNgcwele wesethembiso oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kwabangabakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe. Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa kwenu eNkosini uJesu nangothando kubo bonke abangcwele