UMshumayeli 5:8-10

UMshumayeli 5:8-10 ZUL20

Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo. Impumelelo yezwe isenkosini enakekela ukulinywa kwamasimu. Othanda imali akaneliswa yiyo; nothanda ingcebo akaneliswa yinzuzo ayitholayo, nalokho kuyize.