UMshumayeli 12:1-8

UMshumayeli 12:1-8 ZUL20

Khumbula uMdali wakho ezinsukwini zobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, neminyaka ingakasondeli oyothi ngayo: “Angithokozi.” Mkhumbule Yena ilanga nokukhanya, nenyanga nezinkanyezi kungakafiphali, lingakahlomi futhi emuva kwemvula. Ngosuku lapho abalindi bendlu beyothuthumela, namadoda anamandla athothobale, nabasilayo beyoyeka ukugaya, ngoba sebeyingcosana, nabalunguza ngamafasitela bangabe besalunguza, lapho neminyango ephumela emgwaqweni iyovalwa, nomsindo wesigayo ushayele phansi, abantu bavuswe ngukutshiloza kwezinyoni, nokuhlabelela kwamadodakazi sekuzwakalela phansi, nalapho abantu besaba okuphakemeyo, isihlahla somAlimondi siyoqhakaza, intethe itotobe, izihlahla zekaphari zingatheli, ngokuba umuntu useya ekhaya lakhe laphakade, abalilayo bayazulazula emigwaqweni, ngaphambi kokuba intambo yesiliva igqabuke, kuphahlazeke nesitsha segolide, nokhamba lufele emthonjeni, nesondo lifele emgodini wamanzi, uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye. “Yize leze, konke kuyize,” kusho uMshumayeli.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UMshumayeli 12:1-8