UmShumayeli 12:1-8

UmShumayeli 12:1-8 ZUL59

Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho, zingakafiki izinsuku ezimbi, ingakasondeli iminyaka osho ngayo ukuthi: “Angithokozi ngayo;” yebo, lingakabi mnyama ilanga, nokukhanya, nenyanga, nezinkanyezi, namafu engakabuyi emva kwemvula, ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela, amadoda anamandla agobe, abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana, abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe, iminyango ivalwe esitaladini, lapho umsindo wokusila uncipha, umuntu avuke ngezwi lenyoni, izintombi zonke zokuhlabelela zithuliswe; nalapho abantu besaba imimango izesabiso zibe sendleleni, umalimondi* ukhahlele, intethe itotobe, izithelo zesihlahla sekaphari* zingabe zisaba namandla, ngokuba umuntu useya endlini yakhe ephakade, nabalilayo bazulazula esitaladini; yebo, lingakagqabuki igoda lesiliva, nokhamba lwegolide lungakaphahlazwa, nembiza ingakafi ngasemthonjeni, nesondo lingakaphuki ngasemgodini wamanzi, uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo, umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo. “Ize leze,” usho uMshumayeli, “konke kuyize.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UmShumayeli 12:1-8

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo