IDutheronomi 23

23
Abangavunyelwe Ukungena Ebandleni LikaSimakade
1 “Olimele emasendeni noma onqunywe umphambili akanakungena ebandleni likaSimakade.
2 “Umntwana wesihlahla akanakungena ebandleni likaSimakade, yebo, ngisho isizukulwane sakhe asiyukungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi.
3 “Owakwa-Amoni nowakwaMowabi abayukungena ebandleni likaSimakade, yebo, akukho namunye kubo oyakungena ebandleni likaSimakade kuze kube sesizukulwaneni seshumi, kuze kube phakade. 4 Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni lapho niphuma eGibhithe, nokuthi baqasha uBhileyamu, indodana kaBheyori wasePhethori e-Aramu Naharayimi, ukuba amelane nawe, akuqalekise. 5 Nokho uSimakade uNkulunkulu wakho akamlalelanga uBhileyamu, kodwa uSimakade uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho wakuthanda. 6Awuyukufuna ukuthula kwabo nempumelelo yabo zonke izinsuku zokuphila kwakho kuze kube phakade.
7 “Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo. 8Abantwana besizukulwane sesithathu abayobazala, bayongena ebandleni likaSimakade.”
Ukuhlanzeka Kwenkambu
9“Uma uphuma enkanjini uyokulwa nezitha zakho, ubozigcina, ungakwenzi okubi. 10 Uma kukhona phakathi kwenu umuntu ongahlambulukile ngenxa yokumehlele ebusuku, uyophumela ngaphandle kwenkambu, angangeni phakathi kwayo, 11kodwa kusihlwa uyogeza ngamanzi, lapho selishonile ilanga, uyongena enkanjini.
12“Makube khona indawo yokuzikhulula ngaphandle kwenkambu, uyophumela lapho ukuyozikhulula. 13Uyophatha isimbo ezimpahleni zakho, ukuze kuthi lapho uhlala phansi uzikhulula, umbe ngaso, bese ukugqiba lokho okuphume kuwe, 14 ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyahamba ehla enyuka phakathi kwenkambu ukukuhlenga, futhi izitha zakho uzinikele kuwe. Ngalokho-ke inkambu yakho liyokuba ngcwele ukuze angaboni into engcolileyo phakathi kwenu, bese ekufulathela.”
Umthetho Ngesigqila Esibalekile Neminye
15“Ungasinikeli kumniniso isigqila esibalekile seza kuwe. 16Siyeke sihlale ngaphakathi kwakho endaweni esiyoyikhetha phakathi kweminye imizi yakho, lapho sithanda khona; ungasicindezeli.
17 “Makungabi bikho sifebe sethempeli emadodakazini nasemadodaneni akwa-Israyeli. 18 Ungayilethi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho ukuba ufeze isithembiso, ngokuba kokubili kuyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.
19 “Awuyukumtsheleka umfowenu bese ufuna inzalo yalokho, kungaba yinzalo yemali, inzalo yokudla, neyanoma yini umuntu ayikhokhela inzalo. 20 Umfokazi ungamtsheleka bese ufuna inzalo, kodwa umfowenu awuyukumtsheleka bese ufuna inzalo ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke obeka kukho isandla sakho ezweni ongena kulo, ukulidla.
21 “Uma wenza isifungo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungalibali ukusifeza, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ulindele ukuba usifeze impela, ukungasifezi kuyakuba yisono kuwe. 22Kepha uma ungenzi sifungo, akuyukuba yisono kuwe. 23Amazwi omlomo wakho uyakuwagcina, uyoqikelela ukuba wenze njengalokhu wethembisile kuSimakade uNkulunkulu wakho, isithembiso osenze ukhululekile futhi ungaphoqiwe, wasiphumisela ngomlomo wakho.
24“Uma ungena esivinini sikamakhelwane wakho, uyakudla izithelo zomvini ngokuthanda kwakho, uzanelise, kepha ungazifaki esitsheni sakho.
25 “Uma ungena ezinhlangeni zokusanhlamvu kwamakhelwane wakho, uyakukha izikhwebu ngesandla sakho, kodwa awuyukulisebenzisa isikela ezinhlangeni zokusanhlamvu kwamakhelwane wakho.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 23: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume