IDutheronomi 22

22
Umthetho Ngokusiza Umfowenu
1 “Awuyukuyiyekela inkabi yomfowenu noma imvu yakhe iduka, ushaye sengathi awuziboni, kodwa uyozibuyisela nokuzibuyisela kumfowenu. 2Uma umfowenu engekho eduze nawe futhi ungamazi, uyoziyisa endlini yakho zibe kuwe, aze umfowenu azifune kuwe, bese uzibuyisela kuye. 3Uyokwenza kanjalo ngembongolo yakhe, ngezingubo zakhe, nangazo zonke izinto zomfowenu ezimlahlekele, wena wazithola, awunakukubalekela lokho.
4 “Awuyukubona imbongolo yomfowenu noma inkabi yakhe iwile endleleni, bese wena ungenzi lutho; uyomsiza impela ukukuvusa.
5“Owesifazane akanakugqoka izinto zabesilisa, nowesilisa makangayigqoki ingubo yowesifazane, ngokuba yilowo nalowo owenza lokho uyisinengiso kuSimakade uNkulunkulu wakho.”
Umthetho Wezinyoni Nokunye
6 “Uma uzithela esidlekeni senyoni endleleni, siphambi kwakho emithini noma siphansi, sinamaphuphu noma amaqanda, unina efukamele amaphuphu noma amaqanda, awuyukumthatha unina namaphuphu. 7 Kepha uyomyeka unina ukuba asuke, bese wena uthatha amaphuphu ukuze kube kuhle kuwe, zande izinsuku zakho.
8“Lapho wakha indlu entsha, uyokwenza umpheme ophahleni lwayo ukuze ungazethwesi icala legazi uma umuntu ewa lapho.
9 “Awuyukutshala esivinini sakho izinhlobo ezimbili ezingafani zembewu, funa imbewu oyitshalile nesivuno sesivini sakho kube ngcwele.
10“Awuyukulima ngenkabi iboshelwe nembongolo.
11“Awuyukugqoka ingubo enezinhlobonhlobo zezintanjana, uboya bezimvu obuhlanganiswe nelineni.
12 “Uyozenzela izinsephe emachosheni amane esembatho sakho osembathayo.”
Umthetho Wokuganwa Neminye
13 “Uma indoda ithatha intombi iyigane, ilale nayo, bese iyayizonda, 14iyisole ngezinto eziyihlazo, ihlambalaze igama layo, ithi: ‘Ngamthatha lo wesifazane; kwathi ngisondela kuye, ngathola ukuthi akaseyiyo intombi,’ 15uyise nonina bentombi bayoyithatha intombi, balethe ubufakazi bokuthi ibiyintombi nto, phambi kwamalunga omuzi esangweni. 16Uyise wentombi uyothi kumalunga: ‘Ngaganisela lo muntu indodakazi yami ukuba ibe ngumkakhe, manje useyayala; 17useyisola ngezinto eziyihlazo, uthi: “Angiyitholanga indodakazi yenu iyintombi,” ngakho nabu ubufakazi bokuthi indodakazi yami ibiyintombi.’ Bayokwendlala ingubo phambi kwamalunga omuzi. 18Amalunga omuzi ayoyithatha indoda, ayijezise, 19ayihlawulise amashekeli esiliva ayikhulu, awanike uyise wentombi, ngokuba ukhulume kabi ngentombi yakwa-Israyeli. Iyakuba ngumkakhe; akayukuyilahla, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
20“Nokho uma lokho kuyiqiniso, bungatholakalanga ubufakazi bokuthi ibiseyintombi, 21 bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.
22 “Uma kutholakala indoda ilele nowesifazane ogane enye indoda, bayobulawa bobabili, indoda ebilele nowesifazane uqobo ukuze kususwe ububi kwa-Israyeli.
23 “Uma kukhona intombazana eyintombi, nokho esiyingoduso yendoda, bese umuntu eyithola emzini, alale nayo, 24bobabili niyobakhiphela ngasesangweni lalowo muzi, nibakhande ngamatshe baze bafe, intombi, ngokuba ayikhalanga emzini yafuna usizo, nendoda, ngokuba imonile umfazi womakhelwane wayo. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.
25“Uma indoda ithola endle intombi eyingoduso, bese iyibamba, ilale nayo, kuyokufa kuphela indoda elale nayo. 26Ungayenzi lutho intombi, ngokuba ayinasono esifanele ukuba ife, lokhu leyo ndaba ifana nokuthi umuntu avukele umakhelwane wakhe, ambulale, 27ngoba indoda iyifumane endle; noma intombi eyingoduso ikhalile, kodwa bekungekho muntu obengayihlenga.
28 “Uma indoda ithola intombi engesiyo ingoduso, iyibambe, ilale nayo, bese bebanjwa oqotsheni, 29indoda ebilale nentombi iyonika uyise wentombi amashekeli esiliva angama-50, bese iba ngumkayo, ngokuba iyonile. Ayiyukuyilahla, zonke izinsuku zokuphila kwayo.
30 “Umuntu akakwazi ukuthatha umkayise, ambule ingubo kayise.”

Okuqokiwe okwamanje:

IDutheronomi 22: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume