UDaniyeli 8

8
Umbono KaDaniyeli Wenqama Nempongo
1 Ngonyaka wesithathu wokubusa kwenkosi uBhelishazari kwabonakala kimi mina Daniyeli umbono emveni kwalokho okwakubonakale kimi kuqala. 2 Ngabona embonweni, lapho ngibheka ngangiseShushani esigodlweni senkosi esifundeni sase-Elamu; embonweni ngabona ngangingasemselenikazi i-Ulayi. 3 Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwakumi phambi komfula inqama inezimpondo ezimbili; lezo zimpondo ezimbili zazizinde, kepha olunye lulude kunolunye, olude lwavela kamuva. 4 Ngabona inqama igasela entshonalanga, enyakatho, naseningizimu; kwakungekho silo esasingama phambi kwayo, kwakungekho ongophula esandleni sayo, kepha yenza njengentando yayo, yazikhulisa.
5 Ngisacabanga, bheka, kwavela impongo ngasentshonalanga ebusweni bawo wonke umhlaba, kodwa ayiwuthintanga umhlaba; impongo yayinophondo olugqamileyo phakathi kwamehlo ayo. 6Yafika enqameni eyayinezimpondo ezimbili, engayibona imi phambi komfula, yatheleka kuyo ngokufutheka kwayo okunamandla. 7Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yaba nolaka olukhulu, yayishaya inqama, yazephula izimpondo zayo ezimbili. Inqama ayibanga namandla okuma phambi kwempongo, kodwa yayiqumba phansi, yayinyathela, akwaze kwaba bikho ongayihlenga esandleni sayo. 8 Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwephuka; esikhundleni salo kwamila ezine ezigqamileyo ngasemimoyeni yomine yezulu.
9 Kolunye lwazo kwamila uphondo oluncane olwakhula kakhulu ngaseningizimu, ngasempumalanga, nangasezweni elihle. 10 Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwakuphonsa phansi okunye kwebandla, nokwezinkanyezi, lwakunyathela. 11 Yebo, lwazikhulisa kwaze kwaba kumkhuzi webandla, lwasaphuca umnikelo oshiswa imihla yonke, nendawo yendlu yaso engcwele yaphonswa phansi. 12 Kwabekwa impi yokulwa nomnikelo oshiswa imihla yonke ngesiphambeko: lwaphonsa phansi iqiniso, lwenza njengentando yalo, lwaba nempumelelo.
13 Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owayekhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esibhubhisayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”
14 Wathi kimi: “Kuyoze kube yizikhathi zokuhlwa nezokusa eziyizi-2 300, bese ihlanjululwa indlu engcwele.”
UGabhriyeli Uchazela UDaniyeli Umbono
15 Kwathi sengiwubonile umbono mina Daniyeli, ngafuna ukuwuqonda; bheka, kwase kumi phambi kwami okungathi isimo somuntu. 16 Ngezwa izwi lomuntu phakathi kwe-Ulayi elalimemeza lithi: “Gabhriyeli, menze lo ukuba awuqonde umbono.”
17 Wayesesondela lapho ngangimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami, kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”
18 Esakhuluma nami, ngalala ubuthongo obukhulu, ubuso bami bubheke phansi; kepha wangithinta, wangimisa lapho kade ngimi khona.
19Wathi: “Bheka, ngiyakukwazisa okuyakwenzeka ngasekupheleni kwentukuthelo, ngokuba kungokwesikhathi sokuphela. 20Inqama oyibonileyo inezimpondo ezimbili, zingamakhosi aseMediya nasePheresiya. 21Impongo iyinkosi yaseJavini; uphondo olukhulu olusemkhathini wamehlo ayo luyinkosi yokuqala. 22Kepha esikhundleni salolo olwephukileyo kwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, kodwa ingenamandla alo.
23“Ekugcineni kokubusa kwayo, lapho izihlubuki seziphelele, inkosi elukhuni ngobuso, eqonda izimfumbe, iyakuvela. 24 Iyakuba namandla amakhulu, kungengamandla ayo uqobo; iyakubhubhisa ngokumangalisayo, iyakuphumelela, iyakwenza, iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele. 25 Ngokuhlakanipha kwayo iyakuphumelelisa inkohliso esandleni sayo, izikhulise enhliziyweni yayo, ichithe abaningi ekuthuleni; iyakumelana nesikhulu sezikhulu, ichotshozwe kungengasandla.
26“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”
27 Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.

Okuqokiwe okwamanje:

UDaniyeli 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo