UDaniyeli 7

7
Izilo Ezine Nendodana Yomuntu
1 Kwathi ngonyaka wokuqala wokubusa kukaBhelishazari, inkosi yaseBhabhele, uDaniyeli waphupha iphupho, wabona nemibono emqondweni wakhe elele embhedeni wakhe, waliloba iphupho, walanda ngengqikithi yalo.
2 UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka olwandle olukhulu. 3Izilo ezine ezinkulu zaphuma olwandle, zehlukile esinye kwesinye.
4 “Esokuqala sasinjengengonyama, sinamaphiko okhozi. Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni, samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.
5“Bheka, esinye isilo, esesibili, sasinjengebhele, samiswa ngolunye uhlangothi, kukhona izimbambo ezintathu emlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’
6“Emveni kwalokho ngabona; bheka, esinye sasinjengengwe, sinamaphiko enyoni amane emhlane. Lesi silo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.
7 “Emveni kwalokho ngabona emibonweni ebusuku; bheka, isilo sesine, esesabekayo, sinamandla, siqinile kakhulu, sinamazinyo amakhulu ensimbi, sadla, saphula, sanyathela okuseleyo ngezinyawo zaso. Sasehlukile kuzo zonke izilo ezazingaphambi kwaso sinezimpondo ezilishumi.
8 “Kuthe ngisacabanga ngezimpondo; bheka, kwavela phakathi kwazo olunye uphondo, oluncane, kwathi izimpondo ezintathu zokuqala ezazingaphambi kwalo zabhonculwa, kulolo phondo kwakukhona amehlo anjengamehlo omuntu, nomlomo okhuluma ngokuzigqaja.
9 “Kuthe ngisabuka,
kwase kubekwa izihlalo zobukhosi,
kwahlala omdala wezinsuku.
Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa,
izinwele ekhanda lakhe
zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo.
Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo,
amasondo aso engumlilo ovuthayo.
10 Umfula womlilo wawugeleza
uqubuka phambi kwakhe.
Inkulungwane yezinkulungwane yayimkhonza,
nezinkulungwane ezilishumi zezinkulungwane ezilishumi
zimi phambi kwakhe;
kwahlala abehluleli,
izincwadi zavulwa.
11 “Ngabheka ngaleso sikhathi ngenxa yomsindo omkhulu wamazwi ayekhulunywa luphondo. Ngabuka saze sabulawa isilo umzimba waso wabhujiswa, saphonswa emlilweni ovuthayo. 12Kepha ezinye izilo, ukubusa kwazo kwasuswa, kodwa zavunyelwa ukuba ziphile kuze kube yisikhathi esithile.
13 “Ngabona emibonweni ebusuku; bheka, onjengendodana yomuntu wafika namafu ezulu; wafika komdala wezinsuku, wasondezwa phambi kwakhe. 14 Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.
UDaniyeli Uchazelwa Iphupho
15 “Mina Daniyeli, umoya wami wakhathazeka edokodweni lawo, nemibono emqondweni wami yangihlupha. 16 Ngasondela komunye wababemi lapho, ngabuza kuye iqiniso lakho konke lokhu. Wangitshela, wangazisa incazelo yezindaba. 17‘Lezo zilo ezinkulu ezine zingamakhosi amane ayakuvela emhlabeni. 18 Kepha abangcwele boPhezukonke bayakwemukeliswa umbuso, ube ngowabo kuze kube phakade, yebo, kuze kube phakade naphakade.’
19“Ngase ngifuna ukwazi iqiniso ngesilo sesine esehlukileyo kuzo zonke ezinye, esesabeka kakhulu, esimazinyo aso ayinsimbi, nezinzipho zaso zilithusi, esasidla, siphoqoze, sigxobe okuseleyo ngezinyawo. 20Ngafuna ukwazi kabanzi nangezimpondo ezilishumi ezazisekhanda laso, nolunye olwavelayo, ezawa phambi kwalo ezintathu, lolo phondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma ngokuzigqaja, olwalubukeka lulukhulu kunezinye. 21 Kuthe ngisabuka, lolo phondo lwalwa nabangcwele, lwabehlula, 22 kwaze kwafika omdala wezinsuku, abangcwele boPhezukonke base bevunwa yisigwebo, kwafika isikhathi esinqunyiweyo sokuba umbuso ube ngowabangcwele.
23“Wayesethi: ‘Isilo sesine siyakuba ngumbuso wesine emhlabeni, oyakwehluka kuyo yonke imibuso, uwudle wonke umhlaba, uwugxobe, uwufihlize. 24 Izimpondo ezilishumi-ke, zingamakhosi alishumi ayakuvela kulowo mbuso, enye iyakuvela emva kwawo; iyakwehluka kwawokuqala, iyakuwathobisa amakhosi amathathu. 25 Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ibakhathaze abangcwele bakhe; icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. Bayakunikelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.
26 “ ‘Kepha abehluleli bayakuhlala, bakususe ukubusa kwayo kuqedwe kuphele nya kuze kube phakade. 27 Umbuso, ukubusa, nobukhulu bemibuso phansi kwalo lonke izulu kuyakunikwa isizwe sabangcwele boPhezukonke. Umbuso wakhe kuyakuba ngumbuso ongunaphakade; yonke imibuso iyakumkhonza, imlalele.’
28 “Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”

Okuqokiwe okwamanje:

UDaniyeli 7: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo