KwabaseKholose 4:7-14

KwabaseKholose 4:7-14 ZUL20

UThikhikhu, umzalwane othandekayo nesikhonzi esithembekileyo, oyinceku kanye nami eNkosini, uyakunazisa konke okuqondene nami. Ngimthumele kini ngenxa yakho lokho ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, futhi agqugquzele izinhliziyo zenu. Uhambisana no-Onesimu, umzalwane othembekileyo nothandekayo, ongomunye wenu; bazakunazisa konke okwenzeka lapha. Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni, noJesu okuthiwa nguJustu. Yibo bodwa abangabasokileyo, abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, bayinduduzo kimi. Uyakhonza kini u-Efratha ongomunye wenu, inceku kaKhristu uJesu, enilwela njalo emithandazweni, ukuze nime niphelele, niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu. Ngokuba ngiyamfakazela ukuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikheya, nabaseHiyerapholi. Uyakhonza kini uLuka, inyanga ethandekayo, noDema.