KwabaseKolose 4:7-14
KwabaseKolose 4:7-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UThikhikhu, umzalwane othandekayo nesikhonzi esithembekileyo, oyinceku kanye nami eNkosini, uyakunazisa konke okuqondene nami. Ngimthumele kini ngenxa yakho lokho ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, futhi agqugquzele izinhliziyo zenu. Uhambisana no-Onesimu, umzalwane othembekileyo nothandekayo, ongomunye wenu; bazakunazisa konke okwenzeka lapha. Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni, noJesu okuthiwa nguJustu. Yibo bodwa abangabasokileyo, abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, bayinduduzo kimi. Uyakhonza kini u-Efratha ongomunye wenu, inceku kaKhristu uJesu, enilwela njalo emithandazweni, ukuze nime niphelele, niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu. Ngokuba ngiyamfakazela ukuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikheya, nabaseHiyerapholi. Uyakhonza kini uLuka, inyanga ethandekayo, noDema.
KwabaseKolose 4:7-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini, engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, aduduze izinhliziyo zenu, kanye no-Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo, ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha. Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye – uma efika kini mamukeleni – noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu. Ngokuba ngingufakazi wakhe wokuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi. Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema.
KwabaseKolose 4:7-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Konke okumayelana lami uzalitshela uTikhiku, ongumzalwane othandekayo lesikhonzi esithembekileyo lenceku kanye lami eNkosini; engimthume kini khona lokho, ukuze azi indaba yenu, aduduze izinhliziyo zenu; kanye no-Onesimu, umzalwane othembekileyo nothandekayo, ongowakini. Bayakunazisa konke okwenziwa lapha. Uyakhonza kini u-Aristarku isiboshwa kanye nami, noMarku indodana kadadewabo kaBarnaba, enayalwa ngaye; uma efika kini mamukeleni; NoJesu othiwa uJustu, abangabokusoka. Yilaba kuphela abayizisebenzi kanye nami embusweni kaNkulunkulu, babe yinduduzo kimi. Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niphelele entandweni yonke kaNkulunkulu. Ngokuba ngiyamfakazela ukuthi unentshiseko enkulu ngani, nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi. Uyakhonza kini uLuka, udokotela othandekayo, noDema.

KwabaseKolose 4:7-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)