KwabaseKolose 4:7-14

KwabaseKolose 4:7-14 ZUL59

Konke okuqondene nami uyakunazisa khona uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo oyinceku kanye nami eNkosini, engimthumile kini ngakho lokhu ukuba nazi ukuthi sihlezi kanjani, aduduze izinhliziyo zenu, kanye no-Onesimu, umzalwane okholekileyo nothandekayo, ongomunye wakini; bazakunazisa konke okwalapha. Uyakhonza kini u-Aristarku oyisiboshwa kanye nami, noMarku umzala kaBarnaba, enayalezwa ngaye – uma efika kini mamukeleni – noJesu othiwa uJustu; yibo bodwa abangabokusoka abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, abakade beyinduduzo kimi. Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu Jesu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niqinisekile entandweni yonke kaNkulunkulu. Ngokuba ngingufakazi wakhe wokuthi uyanisebenzela kakhulu nina, nabaseLawodikeya, nabaseHiyerapholi. Uyakhonza kini uLuka inyanga ethandekayo, noDema.