KwabaseKholose 2:3-8

KwabaseKholose 2:3-8 ZUL20

okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi. Ngikusho lokhu ukuze kungabi bikho muntu onikhohlisa ngamazwi ayengayo. Noma mina siqu sami ngingekho phakathi kwenu, kodwa nginani ngomoya, ngiyathokoza uma ngibona ukuhleleka kwenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKhristu. Ngakho-ke njengalokhu nimamukele uKhristu uJesu iNkosi, hambani nikuye, nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga. Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKholose 2:3-8